
Uhulumeni akenze imfundo eyisisekelo ilingane ngokufaka imali eningi ezikoleni zomphakathi
NJENGOBA usuqalile vele unyaka, usuyaqala umshikashika wokubhekela izingane izikole ezikhungweni zemfundo ephakeme kanjalo neyisisekelo.
Kule ngosi sizogxila kakhulu emfundweni eyisisekelo. Yize uhulumeni ememezele ukuthi imfundo imahhala, esikubonayo ukuthi kwezinye izikole abazali bathwala kanzima njalo makuqala unyaka ngenxa yezidingo zokufunda ezibizayo okumele bazithengele abantwana babo. Kulapho nezikole zithwele kanzima akukho ezingakwenza njengoba kuhulumeni minyaka yonke kuhlale kukhalwa ngokungabi bikho kwemali.
Isikole sike siswele ngisho imali yokuthenga noma ukulungisa umshini wokukhiqiza amaphepha okubhala izivivinyo nokunye.
Kuningi okonakele ezikoleni ngaphezu kokufunda nokufundisa.
Kuyenzeka kucekeleke phansi impahla ngenxa yesimo sezulu okuthatha isikhathi ukuthi ilungiswe kulokhu kukhalwa ngemali. Ngaleso sikhathi abantwana bafunda emakilasini angenaphahla, angenamafasitela nokunye okuningi.
IZIKOLE EZIZIMELE VS EZIKAHULUMENI
Okwenzeka ezikoleni ezizimele kuhlukile kunokwenzeka kwezikahulumeni. Kule ngosi namuhla sifuna ukubheka amanani izikole ezizimele eziwakhokhisa abazali, nesikholwa ukuthi imali okufanele ngabe ifakwa uhulumeni ezikoleni zomphakathi.
Ake sibuke imali ekhokhwayo esikoleni ngasinye ngonyaka.
1. Hilton College – R450 890
2. Michaelhouse – R417 000
3. Kearsney College – R399 740
4. Durban Girl’s College – R310 300
5. Crawford College North Coast – R334 080
6. St. Charles College – R296 650
7. Wykeham Collgiate – R307 400
8. Epworth High School for Girls- R285 800
Lawa amanani ababazekayo uma ubheka ukuthi aqhamuka kumzali ngamunye. Kuyichilo nokho ukuthi uhulumeni ezikoleni zomphakathi ufaka imali ethi ayilingane nefakwa umzali oyedwa esikoleni esizimele.
Uma kungukuthi imfundo ibalulekile ngempela kuhulumeni ophethe ake aqale ngokukhuphula imali ayifaka ezikoleni. Imfundo eyisisekelo kubukeka kuseyiyo edonsa kanzima ekubeni kuyiyona eyakha umntwana futhi imqinise nokhakhayi.
Kuningi okuhlomulwa abafundi ezikoleni ezizimele abakuzwa ngendaba abafunda kwezomphakathi.
Ezikoleni ezizimele abafundi abampintshani emakilasini. Iningi imali efakwa ekuthuthukiseni ingqalasizinda. Kwakhiwe amakilasi okwenza ukuthi abafundi babe bancane emagunjini okufunda futhi kungagcini kunobuhhomuhhomu.
Ngenxa yezinga lokuhleleka kwazo lezikole izinkampani ezinkulu azenqeni ukufaka imali ukuze kuthuthukiswe izakhiwo, ezobuchwepheshe nezinsiza ezizolekelela ekwenzeni ukufunda kube lula.
Kunemidlalo eminingi edlalwayo esiza umfundi ukuthi aqaqe umqondo futhi kudaleke amathuba okuba avelele njengoba kuba nemishini esezingeni eliphezulu yokumqeqesha njengomdlali ukuze akwazi ukuncintisana nabanye bezinga elifanayo.
Izinhlelo zokufunda nokufundisa ziyahleleka. Abafundi baphekwa ngokwezinga elibalungiselela ukuthi babe nengqondo ebukhali engamelana nazo zonke izimo. Noma ngabe umfundi kasayanga esikhungweni semfundo ephakeme kodwa akwazi ukuzisungulela umsebenzi angaphila ngawo.
Ezokuphepha ziqinile ezikoleni ezizimele kwazise isikhathi esiningi abaphathi bazo bavame ukuqasha izinkampani zonogada ezizimele ukuthi ziqaphe konke ngaphakathi futhi azenqeni ukukhokha imali ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu nempahla kuphephile.
Abazali bakukhuthalele ukuhambela lezikole uma kunemihlangano, kanjalo nokuyobheka ukuthi abantwana babo benza kahle yini nokusiza umfundi ukuthi abe nokuzethemba futhi ahlale ezihlelile.
Nakuba kungekho soka lingenasici kodwa kuyacaca ukuthi umphumela wemali efakwa kulezi zikole uhamba ibanga elide ukwakha isisekelo esiqinile sekusasa lomfundi.
UMKHAYA uthi uhulumeni kenze imfundo ilingane ngokufaka imali eningi ezikoleni zomphakathi bese eqinisa uhlelo lokuyilusa nokuqikelela ukuthi ayihleli ezandleni ezingafanele, ngokuqasha abaphathi bezikole abakuqeqeshelwe ukuphatha amabhizinisi nezikhungo zomphakathi.
