Izindaba

Uhlulwe Amanzi Waminza Esizibeni Esavulwa Abe-RBM

KUMINZE owesilisa oneminyaka engamashumi amabili nanye (21) ubudala endaweni yaseLanjini kwaMbonambi okusolakala ukuthi ubebhukuda endaweni eyambiwa yimboni yensimbi i-RBM eminyakeni eyedlule kusetshenzwa yagcina iphenduka isiziba. Kuthiwa uVusumuzi Mbuyazi ubekade ebhukuda kanye nabanye abafana basendaweni ngoLwesithathu ngesikhathi ehlulwa ngamanzi wagcina ephangalele. Umndeni namalungu omphakathi, bathi inkampani yakwa-RBM kumele iyivale le ndawo ingaze idale omunye umonakalo, ikakhulukazi njengoba kunezinye izindawo eziyizungezile ezinobungozi obufanayo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com