
Ufele ukuvikela i-O’lady umjita, ngesikhathi i-stepfather “ebesizishaya” ngosistaz wakhe simjuqa ngo-2 bullet
UFUNA ubulungiswa umndeni wase-Stinkwater, eTshwane emuva kokuba owesilisa edubule kwafa indodana angayizali abethandana nonina wayo futhi ebimvikela kuliwa egcekeni ngomhlaka-7 Masingana (January) 2026.
UThemba Chauke oneminyaka engamashumi amabili (20) udutshulwe ngusingababa (57) wakhe emuva kokuba udadewabo u-Pauline Chauke (27) ebikele unina ukuthi usingababa wabo uhlezi emncoma ethi muhle, aphinde ethi “upakile”.
“Lento uhlezi eyisho njalo mayehlangana nami. Nangosuku adubula ngalo umfowethu uThemba ngezinhlamvu ezimbili wayisho lento ngahamba ngayotshela umama”, kusho u-Pauline.
Uthe umfowabo ushone evikela unina. “Ubefuna ukubulala umama uThemba wangenelela kanti sekuzoba ukufa kwakhe”, kusho yena.
“Indoda engiyibiza ngobaba ingasho kanjani ukuthi iyangithanda? Uma ngimbuza ngalento ubethi uyadlala. Wake wathi kwakumele azithathele mina, kunomama ngoba ngimuhle”, kuchaza u-Pauline.
Uthe ngosuku okwafa ngalo uThemba, watshela umawakhe ngezinto ezishiwo usingababa kuye. Unina wabe esethela isoka lakhe ngamanzi walitshela ukuthi kuphelile obekubahlanganisile”.
Uthe lacasuka kakhulu isoka likanina laya endlini labuya nesibhamu.
“UThemba ekubona konke lokhu, wagijima eyosiza unina kanti uzodutshulwa ngezinhlamvu ezimbili wafela khona lapho”, kusho yena.
Uthe ngesikhathi usingababa eqeda ukudubula umfowabo wabaleka weqa ucingo lakamakhelwane, waya ematekisini ngenhlanhla isoka lakhe (u-Pauline) lakwazi ukumbamba kwaze kwafika amaphoyisa waboshwa.
Uchaze umfowabo njengomuntu olungile. Uthe usingababa wabo ubesethandane nonina iminyaka emibili (2).
Umndeni wakwaChauke uveze ukuthi ufuna ubulungiswa ngokubulawa kukaThemba futhi awufuni ukuphinde umbone umbulali.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iGauteng, uMavela Masondo uthe kuvulwe icala lokubulala futhi umsolwa uboshiwe wavela enkantolo, eTemba Magistrate’s Court ngoLwesihlanu, mhlaka-9 Masingana 2026.
