EZOMPHAKATHIIzindaba

Ingqophamlando umnyango wezokuthutha eKZN uvula ibhuloho olakhe namasosha.

UYAQHUBEKA nokuxhumanisa imiphakathi umnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal oholwa umphathiswa, uMnuz. Sboniso Duma njengoba kuthe ngoLwesihlanu wavula ibhuloho, i-Henley Dam Bridge eMsunduzi.

Leli bhuloho lakhiwe emuva kokubikwa kwezigameko eziningi zokuminza kwabantu, befe uma kunezimvula ezinkulu.

Esithombeni: Ngesikhathi kuvulwa ibhuloho i-Henley Dam Bridge ngoLwesihlanu

UMnuz. Duma uthe ukwakhiwa kwalo kube ukubambisana okuhle phakathi komnyango nombutho we-South African National Defence Force (SANDF), umnyango wezemisebenzi yomphakathi nomasipala waseMsunduzi.

“Siqinisekise ukuthi ukwakhiwa kwalo kuyashesha ngoba baningi abantu abafe ngenxa yokuminza obekudalwa izimvula ezinkulu”, kusho yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com