
Udinwe uyaveva eMthandeni SK ngokuvalwa kwezingoma zakhe ezinkundleni zomculo
USAFUNA izimpendulo umculi kamaskandi odumile, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ngokuvalwa kwezingoma zakhe ezintathu (3) ezinkundleni zomculo.
UMthandeni obezwakala ukuthi udinwe uyaveza utshele abalandeli bakhe kuleli sonto ukuthi kunomuntu obike kabi ngezingoma zakhe zase ziyasuswa. Izingoma akhuluma ngazo ezithi Front Seat, Umhobholo nethi MaWollies.
Uthe uthole i-email ebimazisa ukuthi izingoma zakhe zibikiwe futhi zavalwa. Ulinde uphenyo bese ziyabuya izingoma zakhe.
Utshele abalandeli bakhe ukuthi akamazi namanje umuntu obike izingoma zakhe kodwa usola izinkampani ezinkulu zomculo asanda kunqaba ukusebenzisana nazo.
“Angazi ngempela ukuthi ubani lo ongizonda kangaka. Lento isinesikhathi yenzeka, ikakhulu uma izingoma zami zizidlela amahlanga kuma-charts”, kusho yena.
Igcokama Elisha elibuye lizibize ngoMthandeni SK lithe kuyasolisa ukuthi umculo wakhe kuphela ovaliwe kodwa ezinye izingoma zikamaskandi zabanye abaculi oMzukulu noMafikizolo zona zisekhona.
Uthe iyamkhathaza lento ngoba izophazamisa izingoma zakhe ezintsha okufanele ziphume ngesonto elizayo. Uthe lezingoma ezizophuma zisuselwa kumahubo nezigiyo ezenziwa zinsizwa makunemicimbi emakhaya.
Kwenye yalezingoma ezintsha uhamba nomculi wesifazane odumile.
Ugqugquzele abalandeli bakhe ukuthi besheshe bengene ezinkundleni zomculo bezilalele lezingoma zakhe ezintsha uma seziphumile zingaze zivalwe.
“Angazi ukuthi kungani bengenza kanje. Uma kukuthi lento ibiqondiswe emculweni kamaskandi bekumele zivalwe nezinye izingoma. Kuyacaca ukuthi kuliwa nami la”, kusho yena.
