Izindaba

Inyunyana ixwayisa i-Hyndai Motors ngokuqhubeka nohlelo lokusebenzisa ama-robot asebenza njengabantu kuma-factory ayo

INYUNYANA yabasebenzi ngaphansi kwenkampani ekhiqiza izimoto, i-Hyndai Motors e-South Korea seyixwayise lenkampani ukuthi uhlelo lwayo lokuqhubeka nokusebenzisa ama-robots asebenza njengabantu kuma-factory ayo ngaphandle kokuvumelana nayo kuzodala izinkinga.

I-Hyndai Motors ihlela ukuqalisa loluhlelo ngo-2028 nokuyinto esikhuphule izinkampani ezifuna ukuthenga ama-shares kule nkampani nokho uhlelo lwayo alwamukelwangwa abasebenzi.

“Khumbula phela ukuthi uma kungekho ukuvumelana phakathi kwabasebenzi nabaphathi, akukho nelilodwa i-robot elisebenza ngobuchwepheshe obusha elizovunyelwa ukungena ngaphakathi”, kusho isitatimende senyunyana.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com