
UDiddy uzotholoza iminyaka engu-4 kuphela ejele ngecala lesinene
INKANTOLO yase-New York City imshaye ngoswazi oluncane yamgweba iminyaka emine (4) nezinyanga ezimbili (2) kuphela umculi waseMelika, u-Sean “Diddy” Combs ngamacala ahlobene nokushushumbisa abesifazane nokuthengisa ngesinene.
Ngesikhathi lethula isigwebo ijaji, u-Arun Subramanian uzwakalise ukukhathazeka ngokungakhombisi ukuzisola kuka-Diddy yize enza amacala ayihlazo kangaka.
Ijaji limyalele ukuthi akhokhe imali engu-$500 000 (R8 609 613) eyinhlawulo kanti uzophinde aqashwe isisebenzi sejele iminyaka emihlanu emuva kokudonsa isigwebo seminyaka emine.
Nokho uDiddy uphunyukile emlonyeni wengwenya ngoba abashushisi bebecele inkantolo ukuthi imgwebe iminyaka eyishumi nanye (11), ngenxa yobucayi bamacala akhe kanye nomlando omubi wokulwa nokuba udlantane.
Ekugcineni ithimba labameli bakhe likwazile ukhala noma kungenzekanga elikucelile njengoba belicele ukuthi anikwe izinyanga eziyishumi nane (14).
Emuva kokuphuma kwesigwebo umndeni kaDiddy uvele waphuma masisha wahamba enkantolo, kanti yena uxolisile kubo bonke abahlukumezeka ngokuziphatha kwakhe.
