ImibonoIzindaba

Ezinye izinto ngeke zilunge sijabula kepha ziyolunga ngesikhathi senhlupheko

KUYIQINISO ukuthi uma kumnandi konke kuhamba kahle, siye singanaki nomqondo awucabangi ngezinto eziningi kodwa uma kunzima empilweni kunezinselelo ezixakile kulapho sithola khona ithuba lokucabanga indlela zokuphuma kuleso simo. Ingaleso sikhathi lapho sifikelwa amasu okusungula. Amanye amabhizinisi aqhamuka ngokuwa kwamanye, eminye imishado idaleka ngohlakazeka kweminye. Isizulu size sithi ukuwa kwenye indlu ukuvuka kwenye.

Kunabantu ababe neshwa lokuzithola besemajele ngezenzo abangazazi abanye abazaziyo kodwa uNkulunkulu kulapho abefuna ukubaphakamisa khona, abanye bashintsha sebephangaphakathi njengo Pawule waseBhayibhelini. Abanye bakhalela izimo ezabaxoshela abangani, akuphele ukukhala ngoba uJehova kunento afuna ukuyakha kuleyompilo yakho bengekho labo bantu. Kubuhlungu kunjalo kodwa iyona ndlela uNkulunkulu afuna ukukwakha ngayo.

Obunakho kuye kwashabalala konke, kwaphela umsebenzi, abakudayisela imoto bayilanda ungasakhokhi okanye yalimala, kwaphela izimali usafunda kumanje uhleli ekhaya ungabe usabalisa konke kusayilo uhlelo lukaJehova. Kukhona akwakhayo ngaso leso sikhathi ngoba ezinye izinto ziyokwenzeka ngaleso sikhathi sokuxakeka nezinkinga.

Icebo lika Jehova likhulu kakhulu kunalokho thina esikwakhayo emiqondweni, uma evala eminye iminyango uyayivula eminye. Iyona ndlela asebenza ngayo. Kajahi uthatha isikhathi sakhe. Okunye kuyofika sewukhale izinyembezi iminyaka.

Nomsebenzi lowo ongawutholi, kulanjiwe kunjalo sekuze kube ngathi kunephutha ngawe, ungesabi uJehova uthembekile zikhathi zonke. Abanye bayofelwa abazali, izithandwa, abantwana njalonjalo, kanti uJehova ubalungisela isikhathi esilandelayo. Okunye kwenzeka ngenhloso yokubavikela. Ezinye iziphithiphithi ezenzeka emindenini ihlakazeke kuze kube ngathi kunabathakathi kanti kuvikwa izehlo ezinkulu ezingayehlela indawonye kuhle omunye abe le, nomunye abe le. Icebo likaNkulunkulu linjalo, kunezinto azivumela ngenhloso.

Bekubekwe lamazwi kimi, sengathi angasiphilisa sonke..

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com