
UButhelezi usebeke R10M ukuze kuqashwe abantu abangu-300 komasipala basemakhaya
UMPHATHISWA womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu KwaZulu-Natal, uMfu. Thulasizwe Buthelezi usencome uhlelo lokubuthwa kwemfucuza njengesisekelo esisizile ukwakha amathuba emisebenzi esifundazweni.
Lokhu ukusho emuva kokuvela kombiko i-Labour Force Survey edalule ukuthi sehlile isibalo sabantu abangasebenzayo kuleli.
Isifundazwe saKwaZulu-Natali sibe sendaweni yesibili ngokuba nabantu abaningi abasebenzayo
Umnyango kaButhelezi usubeke imali engu-R10 million ukuze kuqashwe abantu abangu-300 ngaphansi kohlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP), oluzogxila ekubuthweni kukadoti nokusetshenziswa kwemfuza ukwenza eminye imikhiqizo (recycling) komasipala abangu-6 abasemakhaya.
Lomnyango uthe lokhu kuyiqhingasu elinqala ekusimamiseni izinga lempilo kanye nokuthuthukisa amakhono.
