
Akezile ukuzosinisa amahleza umphathi wezinhlelo omusha woKhozi FM
NGIZIZWA ngilingeka ukuthi ngiphawule ngezinguquko zomsakazo, Ukhozi FM.
Ngiyazi miningi imisakazo eyenze izinguquko ezinhlelweni zayo, nakubasakazi kodwa ngithe angiqale ngezenziwe Ukhozi njengomsakazo omkhulu nokukhulunywa ngawo kakhulu.
Cishe sengilalele u-80% wezinhlelo ezintsha nabasakazi abasanda kuqashwa Ukhozi FM, futhi ngingakwazi ukusho ukuthi abaphathi balomsakazo banombono ocacile futhi wesikhathi eside ngezinguquko abazenzile.
Ngokusho njalo, ngiqonde ukuthi abanikwe ithuba bese sibehlulela noma emva konyaka ngezinqumo abazithathile.
Bengiye ngifunde imibhalo yabalaleli boKhozi FM kumakhasi afana nelithi Ezemisakazo ku-Facebook bekhala ngokuthi Ukhozi FM alubaqashi abasakazi abasebenza emisakazweni yomphakathi. Isikhala ngalabasakazi bethi bayophelelaphi uma lomsakazo ongaphansi kwe-SABC ungabaniki ithuba.
Nokho lesi sikhalo usiphendulile uZwelethu Cele ongumphathi omusha wezinhlelo kulo msakazo. UCele unamava emsakazweni njengoba eke waba iProduction Manager ku-East Coast Radio.
ULindokuhle Ntombela obesakaza kuNkandla FM ungomunye wabasakazi owenza kahle kakhulu ohlelweni anikwe lona. Ngizwile ukuthi nabalaleli basebusuku bathi ungene khaxa esitayeleni abasithandayo. UMahlobo wenza uhlelo oluthi Akulalwa olungena phakathi kuka-00:00 no 03:00 ekuseni.
Omunye wabasakazi ovela emsakazweni womphakathi, uVee Mthembu obesakaza kuJozi FM eGoli owenza uhlelo lwasekuseni Ukhozi FM Breakfast noNonhlanhla “Mroza” Buthelezi.
UMvelase ungene nomfutho odingekayo ekuseni futhi ubonisa isipiliyoni sezinga eliphezulu. Kuyezwekala ukuthi ubenza uhlelo lwantambama phakathi nesonto kuJozi FM.
Ngike ngalalela uSimtho Dladla owenza ezemidlalo kulolu hlelo lwasekuseni, uza kahle futhi uzojwayela. Okungenasidingo nje abekwenza ikakhulu makuwuLwesine (asekuyekile nokho) ukuthi mayengena athemeleze sakubonga omama “ngosuku lwabo”.
Lokhu abekwenza bekuwukuchitha isikhathi, kwazise uvele unikwe isikhathi esincane sokwenza ezemidlalo. Okubalulekile kulesigamu ukunika abalaleli izindaba zezemidlalo eziyiqiniso nezintsha.
Uhlelo olungithathe kakhulu olwenziwa uSiphiwe Sibiya ngeSonto emini, phakathi kuka-12:00 no-14:30 oluthi Ezingasoze Zabuna.
Lentokazi yenza iqiniso kulolu hlelo. Kusukela emculweni ewudlalayo, izigamu zohlelo eziphekezelwa yizwi lakhe elipholile nolwazi ngabaculi kanye nomculo awudlalayo. Lokhu kubonisa ukuthi uyalwenza ucwaningo ngomculo nabaculi azodlala izingoma zabo ohlelweni.
Lokho nje kukodwa kusho ukuthi uyabahlonipha abalaleli futhi nabaphathi bathathe isinqumo esicwaningwe kahle ngokumbeka kulolu hlelo.
Omunye umsakazi ongichazile uSphe Live ongena ohlelweni lwasemini no Zimdollar Biyela, oluthi Dankie 12-3. USphe Live yena uphuma kuGagasi FM esakazela eCornubia, eMhlanga.
Uphapheme kunoKing Sfiso obesebenza noZimdollar phambili. Ngalokho angisho ukuthi uKing Sfiso ubengalwenzi kahle uhlelo, kodwa ngiveza umehluko omkhulu ofike noSphe Live onezwi elinamandla futhi eliphakeme.
Sengizwe kaningi kugxekwa izintokazi ezenza izimemezelo zesiminyaminya emgwaqeni, uClarrisa Mfeka ongena ekuseni noNokwanda Tenda ongena ntambama. Asikho neze isidingo salokhu, ikakhulu njengoba zisafika nje emsakazweni omkhulu.
Abalaleli boKhozi abangaqhathanisi lezintokazi nabebenza lomsebenzi ngaphambi kwazo. Umuntu nomuntu uyalidinga ithuba empilweni. Nazo isikhathi sokuthi sizazi, futhi sizozijwayela.
Nakhona la okubalulekile ukunika abalaleli umbiko oyiqiniso ngokwenzeka emgwaqeni, futhi uqinisekise ukuthi imithombo yakho ikunika ulwazi oluthembekile.
Abalaleli bamanje banolwazi kakhulu, njengoba ezobuchwepheshe ziluhlinzeka kuma-App ehlukene ngakho kuhle ukucophelela uma unikwe ithuba lokwethula izinhlelo ezehlukene emsakazweni.
Ngisazozipha isikhathi ngilalele ezinye izinhlelo kanjalo nabanye abasakazi.
Engingakusho ukuthi kuyabonakala ukuthi abaphathi abasha balo msakazo beze ukuzokwenza ushintsho, abalinganisi futhi abezile ukuzosinisa amahleza.
Lokhu ukuzwa nasemisindweni emisha esiqale ukuzwakala kulo msakazo kuhlanganisa nezwi lesiteshi.
Ukhozi FM kuyabonakala ukuthi luzihlelela ukungena esitayeleni samanje sokusakaza, okuyinto ebalulekile ekuheheni abathenga isikhathi ezinhlelweni zomsakazo.
Engingakusho ukuthi kufanele banikwe isikhathi abaphathi nabasakazi abasha. Akekho umuntu othi efika entweni ebe ekhipha unyawo, kodwa uye azame ukuhlola izindlela ezehlukene ezinganyusa izinga lalokhu akwenzayo.
Sibafisela inhlanhla bonke abasakazi abasha, sengathi ithuba abalitholile bengalisebenzisa kahle. Abahoxisiwe bamukele kudlule.
