EZISEMATHENIIzindaba

Ubhekane nembibizane uSisanda Dube eyocwa abantu bemsola ngokuba isicefe “kumfana kagogo”

AKUNGATSHAZWA ukuthi ubefisa ukuwagwinya amagama akhe uSisanda Dube emuva kokuba abantu bekhombise ukunengeka ngenkulumo yakhe abebesola ukuthi ubhuqa ngayo uPhumlani Gumede oyi-content creator odume ngelika ‘Mfana kagogo”.

USisanda ufake i-video ekhasini lakhe lika-Facebook enza inkulumo ebingacacile kahle ukuthi ibhekephi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ubengaconsi phansi kwabaningi esanda kusondelana noPhumlani. Ngokuhamba kwesikhathi abaningi baqale ukumngabaza bemsola ngokuba iqhude nokuchoma.

Esithombeni: UPhumlani Gumede nogogo wakhe benza abadume ngazo

Uqale ukwaziwa esethandana naye uPhumlani nokuyinto abaningi abebezitshela ukuthi iwumdlalo we-content.

Muva nje uvame ukubonakala eshuthe nowesifazane ambiza ngesoka lakhe ozibiza nge “Nkosiyazi Umfana Westhelo” ku-Facebook.

Kule-video yakamuva uthe ukube abantu abathandi ukukhuluma ngabe kuyona ufaka isithombe ngezansi afake esinye ngaphezulu bese ecula ethi “abafana bangezansi izinsizwa zingenhla.. kuqondene omaqondana”.

“Manje inkinga ngiyanisaba, ey nina niyakhuluma, nizongijaja nizolokhu ningenza umuntu omubi kanti nani beningayenza lento.

Kanti futhi ey.. phela nami ngiyesaba hlampe uNkulunkulu uzongijezisa nje ngalento engiyenzayo”, kusho yena.

Abantu ibadinile lenkulumo bethi akabaxege bakhathele uye futhi akaphume kuPhumlani.

“Suyabhora keh manje wena lwabishi”, kusho uKatu Mhlanti.

“Ngeke oe ngath ungasifaka usubuyelwe isicubu ngeke oe wawumuhle ukhulupheke usajola nalo onetoto ngeke manje usasipokwana nje ngeke khehla ngeke khuluphala kuqala ube-fit. Iba iloSisanda esimaziyo”, kusho uZothando Mnguni.

Esithombeni: USisanda Dube nesithandwa sakhe esisha

USimangele Nxumalo uthe: “Umuhle inkinga sengiqala ukucabanga ukuthi enhloko ngathi zibuye zingathi mzala kuwe, ngicela ungasifaki isithombe samfana kagogo kulento yakho”.

“Awuhlukane nokukopolota uPhumlani wena ngane, wenze izinto zakho bakithi. Yazi kubuhlungu kanjani elokhu muntu efuna ukubukwa ngomunye umuntu ebe ezithulele yena, usunescefe Sisanda”, kusho uLeo Mash.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com