
U-Willard Katsande ukhuthaza abadlali bakuleli ukuthi bebe amaphanta njengaye
EMUVA kokusayina isivumelwano seminyaka emithathu (3) sokugqokisa iqembu laseBotswana eligijima ku-Premier Soccer League (PSL), i-Black Lions FC u-Willardcl Katsande ugqugquzele abadlali abagijima ku-Betway Premiership ukuthi becabange njengaye.
Utshele iziko elibhala ezemidlalo, i-FarPost ukuthi kwaqala kwayinto ehlekwayo ukusungula kwakhe ilebuli yezingubo zokugqoka ayibiza nge Boss Ya Mboka.
Lesiqonqwayi ebesiyibamba esiswini ku-Kaizer Chiefs naseqenjini lesizwe laseZimbabwe sithe nakuba kwaqala kuyihlaya kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwamcacela ukuthi lomsebenzi uzoba impumelelo.
Uthe ukuphumelela kweBoss Ya Mboka kufanele kugqugquzele abanye abadlala ku-Betway Premiership ukuthi becabange ngokunye abangakwenza empilweni.
Uthe enye into ungayiqala sakudlala njengoba enza naye, ubone ukuthi yamukelwa kanjani futhi abantu bathini ngayo.
“Imfashini into ebengiyithanda kusukela ngisemncane”, kusho uKatsande.
“Uyazi nawe, njengabadlali siyathanda ukugqoka kahle. Uma uwumdlali ufuna ukugqoka kahle ukuze uma ubonwa abancane, abasakhula begqugquzeleke, bethi “nangu umuntu engibukela kuye”, kusho uKatsande.
“Ngesikhathi ngisanda kuyiqala ilebuli yami nakuba kwakuhlekwa kodwa ngabona ukuthi abantu bayayithanda, noma sengiyekile ukudlala abantu basakhuluma ngami.
Lokho kungibonisa ukuthi ngathatha isinqumo esikahle. Saqala kuyinto encane kodwa manje siyakhula neqembu elisanda kunyukela esigabeni esikhulu ku-Premiership yaseBotswana.
UKatsande (39) uthe uthokoze kakhulu ngethuba abamnike lona lokubagqokisa. “Ngesitayela sethu sithemba ukuthi sizoheha amanye amaqembu ukuthi akhulumisane nathi”, kusho yena.
“Into ebalulekile ukuthi ukhule njengomuntu, igama libaluleke kakhulu ebholeni njengoba kunabantu abaningi abasilandelayo”.
Uthe uma beqhubeka nokunikeza umsebenzi osezingeni eliphezulu, bazolithola ithuba lokugqokisa amanye amaqembu.
“Njengomdlali kufanele ucabange usabalale. Kufanele uphante ungene zonke izindawo ongakaze uzicabange. Ngalokho ngiqonde ukuthi, ngiyiphanta. Ngikhulelele emakhaya, okuyikho okungakhile nganje”, kusho uKatsande
Lo mdlali oke wagijima kuSekhukhune United unesivumelwano sokugqokisa i-Black Lions FC uma ihamba.
