EZIKAQEDISIZUNGU

U-Penny usika iphethini ku-Jacinta ngokuqala eyakhe i-Podcast

YIZE engakuvezanga ukuthi ugqugquzelwe yini ukuqhamuka nomqondo wokuqala eyakhe i-Podcast manje u-Penny Ntuli, kodwa kubukeka sengathi ugqozi uluthole kobengumsakazi weVuma FM uJacinta MaNgobese-Zuma.

Kuzokhumbuleka ukuthi bobabili labasakazi ngokufanayo, baphume bungasekho buhle ubudlelwane phakathi kwabo nemisakazo abebeyisebenzela.

U-Penny wabanga indaba yomholo ka-R2800 ngenyanga nowayengumphathi wakhe kuGagasi FM, u-Ayanda Melansi, kanti uJacinta yena kwamiswa inkontileka yakhe isigubhukane emuva kokuba uhlelo lwakhe kumenyezelwe ukuthi luzoqhubela ngesikhathi kushintshwa izinhlelo nabasakazi kuVuma FM.

UMaNgobese-Zuma akachithanga sikhathi emuva kokuxoshwa iVuma FM ngoNtulikazi njengoba esungule uhlelo lwe-Podcast olubizwa ngokuthi Zoom In With Jacinta MaNgobese Zuma. Lolu hlelo oseluneziqephu ezimbili, luthe luqala lwalumema umfundisi uNala odume ngokuba iNkosi yesizwe samaNala. Kube sekulandela u-Ayanda Msweli ongumethuli wezasemgwaqeni emsakazweni ongaphansi kwe-SABC, Ukhozi FM.

Esithombeni: UJacinta MaNgobese Zuma kwi-Podcast yakhe ethi Zoom In With Jacinta MaNgobese Zuma

Ngakolunye uhlangothi, ngo-2024 u-Penny ushiye iGagasi waya kuJozi FM, wanikwa uhlelo lwaphakathi nesonto ngo-09:00 kuya ku-12:00 oluthi Mid-Morning Chat.

Ngokusho kwakhe ekhasini lakhe le-Facebook uthe emuva kokushiya kuGagasi FM “omzala” (esho abalandeli bakhe) baphakamisa ukuthi avule i-Podcast kodwa lwalungekho uthando lwayo kuye.

“Emuva kokusula emsebenzini engangiwuthanda ngenhliziyo yami yonke ngo-2024, omzala abaningi baphakamisa ukuthi angivule i-Podcast.

“Ngaleso sikhathi ngangingenalo uthando lwayo, ngangingafuni ukwenza into engathi ngiqeda icala. Ngangingafuni ukuba ne-Podcast ngoba ngifuna ukulokhu ngisemehlweni abantu futhi ngangingamile kahle ezimalini kodwa sengiphetha ngangingazethembi ukuthi ngingayenza. Mele ngolunye usuku ngike ngiyenze izinyanga eziwu-6 ngibone izongibekaphi”, kusho u-Penny.

Esithombeni: U-Penny Ntuli ufake lesithombe ekhasini lakhe le-Facebook ebesihambisana nombhalo okhuluma ngokusungula i-Podcast

Ube esefaka isithombe esibhalwe igama le-Podcast ayihlongozayo ethi Getting Comfortable with Penny Ntuli.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com