
U-General Khumalo ubize amagama amaphoyisa nabahlonishwa ababexoxa no “Cat” Matlala ngocingo
NGOSUKU lwesishiyagalombili (8) kuhlezi iMadlanga Commission bekufakaza inhloko ye-crime intelligence kuzwelonke, u-General Dumisani Khumalo. UKhumalo uqale lobufakazi bakhe ngokuchaza ngemfundo yakhe, wase engena ejula ebufakazini obebulindelwe ngabomvu.
Utshele ikhomishani ukuthi kwaba isinqumo esingacatshangiwe kahle ukuhlakaza uphiko oluphenya amacala okubulawa kosopolitiki futhi ukholwa ukuthi lokhu kwaphehlwa igunundu lezigebengu elalicabanga ukuthi loluphiko luzopheya bona.
Emaphethelweni obufakazi bakhe udalule izigxoxo abazitholile ku-whatsapp ka-Vusi “Cat” Matlala exoxa nezikhulu zamaphoyisa, osopolitiki nosomabhizinisi.
Phakathi kwabanye babantu abexoxa nabo uMatlaba nguMnuz. Brown Magotsi okwavela ukuthi ungumngani omkhulu kangqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe, uMnuz. Senzo Mchunu.
Uxoxe no-Major General Lesetja Senona osebenza ophikweni i-Directorate for Priority Crime Prevention (DPCI) olubizwa ngama-Hawks esifundazweni saKwaZulu-Natali. Uphinde waxoxa nendodana ka-Major General Senona, uTato Senona.
Kweminye imiyalezo uMatlala uxoxa no-Brigadier Julius Mkhwanazi oyinhloko yamaphoyisa eKurhuleni Metro. UMkhwanazi kwavela ebufakazini bukamkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natali, u-General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi uyena owasiza ukufakela uMatlala amalambu akuhlaza ezimotweni zakhe ezinhlanu (5).
Umuntu wokugcina okukhulunywe naye usomabhizinisi uMnuz. Soluiman. UKhumalo Uzoqhubeka nokuthula ubufakazi ngoLwesibili.
