
Idle ubhedu ngo-1 million views iDubai kaMthandeni SK noMaWhoo osukwini nje ikhishiwe
IZINKAKHA zomculo kuleli uMthandeni SK noMaWhoo bahambela phezulu njengoba bejabulela ukuthakaselwa kwengoma yabo ethi Dubai ethole ama-views angu-1 million ngosuku olulodwa ikhishiwe.
UMthandeni ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram edalula lezindaba. “1 Million in ONE day #DUBAI”, kubhala uMthandeni.
NoMaWhoo ubhale ekhasini lakhe ejabulela lempumelelo.
Le ngoma okungangabazeki ukuthi izoshisa izikhotha iphume ngesikhathi esikahle lapho abantu sebesegiyeni lokubhiyozela amaholidi okuphela konyaka. Idle ngesigqi esaziwayo sikaMthandeni kanye nesigqi esinobuPiano sikaMaWhoo.
Abalandeli abebebhala emakhasini abo laba bebezwakalisa ukuthi sengathi bengalokhu beyiphindile lengoma futhi bencoma labaculi ngokuhlanganisa izinhlobo ezihlukene zomculo wakuleli bakhipha ingcwenga.
Bobabili labaculi basematheni kulezinsuku emuva kokuthi ingoma kaMaWhoo ingene kweziyishumi (Top 10) okuzokhethwa kuzo ingoma ehlukanisa unyaka kuKhozi FM. UMthandeni yena usanda kwenza uteku ngokuthi maduze nje uzokhipha izingoma nezintokazi ezidume umhlaba wonke o-Tyla no Ayra Starr.
