
Uke ucabange ngomthelela wezobuchwepheshe ezinganeni zakho?
KULULA ukuba izingane zisebenzise ezobuchwepheshe kangangokuthi zingase zibizwe ngokuthi “isizukulwane sezobuchwepheshe” kodwa kungase kube nzima kubantu abadala ukufunda ukuzisebenzisa. Yingakho bengase babizwe ngokuthi “izimfundamakhwela zezobuchwepheshe.”
Ngesikhathi esifanayo, abanye baye baphawula ukuthi intsha echitha isikhathi esiningi kwezobuchwepheshe igcina:
- Isiyimilutha yemishini yayo yezobuchwepheshe.
- Isihlukumeza abanye nge-internet.
- Isibukela izithombe zocansi, ihlosile noma ingahlosile.
UKUNGAKWAZI UKUPHILA NGAPHANDLE KWEZOBUCHWEPHESHE
Ezinye izinto ezenziwa ku-internet, ngokwesibonelo, imidlalo – kwenziwe ngendlela yokuba kube nzima ukukuyeka. Incwadi ethi Reclaiming Conversation ithi: “Ama-app asemafonini ethu ahlelwe ngendlela yokuthi asigcine sisemafonini.” Uma sichitha isikhathi esiningi sigqolozele ama-app abakhangisi benza imali.
ONGACABANGA NGAKHO:
Ingabe izingane zakho ziwasebenzisa kakhulu ama-cellphone nama-tablet azo? Njengomzali ungakwazi yini ukuzisiza zisisebenzise kahle isikhathi sazo?
IZINDLELA ZOKUHLUKUNYEZWA KU-INTERNET
Ku-internet abanye abantu baba nodlame, bathuke inhlamba futhi bangayicabangeli imizwa yabanye. Lokho kungase kuholele ekuhlukumezeni abanye. Kuyenzeka mihla namalanga ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye abantu bayadelela futhi baziphatha ngendlela engafanele ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuthi bafuna ukunakwa futhi bafuna ukuduma. Noma, uma umuntu ethola ukuthi akamenywa ezintweni ezithile – ngokwesibonelo, uma ebona ukuthi akabandakwanya ezintweni ezithile – lokho kungamenza aphatheke kabi futhi azizwe engathandwa.
IZITHOMBE ZOCANSI
Izithombe zocansi sezitholakala kalula ku-internet. Nakuba ezobuchwepheshe zinendlela yokuba abazali balawule lokho okwenziwa yizingane zabo kuyo, lokhu akusona akusebenzi ngaso sonke isikhathi ngoba izingane zingakwazi ukubona izinto ezingcolile.
ONGAKWENZA UKUQEQESHA IZINGANE ZAKHO
Nakuba lesi “sizukulwane sezobuchwepheshe” singazisebenzisa kalula ezobuchwepheshe, sisasidinga ukweluswa. Incwadi ethi Indistractable ithi ukunikeza izingane i-phone noma omunye umshini wezobuchwephe ngaphambi kokuba zikwazi ukuwusebenzisa kahle kuwukwenza “ngokungacabangi okufana nokuvumela ingane ukuba igxumele edamini lokubhukuda ibe ingakwazi ukubhukuda.”
Nakhu okunye ongakwenza ukusiza ingane yakho:
- Ngizoxoxa nengane yami ngendlela okufanele iziphathe ngayo lapho ixoxa nabanye ku-internet
- Ngizosiza ingane yami ibhekane nomuzwa wokukhishwa inyumbazane
- Ngizokwenza konke engingakwenza ukuze ngivikele ingane yami ukuba ingaziboni izinto ezingalungile ku-internet
- Ngezikhathi ezithile, ngizohlola i-phone yengane yami ukuthi iyisebenzisa kanjani
- Ngizobekela izingane zami isikhathi ezingasisebenzisa kwezobuchwepheshe usuku ngalunye
- Ngeke ngiyivumele ingane yami ukuba isebenzise i-phone yayo ngesikhathi okufanele ngabe ilele ngaso
- Ngizobeka umthetho wokuthi akekho okufanele asebenzise i-phone ngesikhathi sokudla
