
Lizogeqa amagula ikhansela le-ANC elixoshwe eMandeni
EMUVA kokumiswa kobulungu beqembu le-ANC, yaphinda yamxosha emkhandlwini waseMandeni uMnuz. Sphesihle Ntuli obeyikhansela ku-ward 17 usebhale ekhasini lakhe lika-Facebook lapho ethembise khona abalandeli bakhe ukuthi uzokhipha isitatimende abazise ngokwenzekile.
Uthe kulesitatimende uzodalula izinhlelo anazo ngekusasa lakhe aphinde achaze ngabanzi ngesigameko sakamuva sokuxoshwa kwakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesine, mhlaka-4 Mandulo (September) 2025 i-ANC esifundazweni saKwaZulu-Natali ikhiphe isitatimende yazisa umphakathi ukuthi isimmisile eqenjini uNtuli, yaphinde yamsusa emsebenzini wakhe wokuba ikhansela emkhandlwini kamasipala waseMandeni.
Lokhu kulandela izidubedube eziningi abesolwa ngazo ezihlanganisa ukuhlukumezwa kwamalungu omphakathi, ukudlwengula nokushaya abantu.
Esigamekweni sakamuva ushaye kanzima umuntu abemsola ngokumntshontshela. Umuntu lo usindile esigamekweni sokushawa, wase enyamalala engaziwa. Kuthe mahlayeni kwatholakala isidumbu sakhe sesonakele. Kwaphoqeleka ukuthi kwenziwe ulibofuzo ukuze kuqinisekiswe ukuthi uyena.
“Isinqumo sokuxosha ikhansela sithathwe ngokucophelela futhi sigcizelela ukuzimisela kwe-ANC ekubekeni umphakathi phambili”, kusho isitatimende se-ANC.
Kubantu abaphawulile embhalweni uNtuli awufake ku-Facebook, uMthokozisi Nkunzi’yashiqela Makhoba uthe: “Nimbuze ukuthi wayekephi, eyokwenzani, kwenzakalani ngecala ayelihamba – Case No:111/11/2023. Nimmbuze futhi ukuthi kwenzakalani ngowamvulela lelo cala lize limiswe enkantolo.
“Uma engasho ukuthi owamvulela icala wanyamalala lisaqhubeka icala waze watholakala eseshonile, uyobe enganitsheli iqiniso leli elizovezwa uMkhwanazi kungekudala”.
