
Kuboshwe amaphoyisa (3) abegwazisa abokufika abangenamaphepha okuba kuleli
KUBOSHWE amaphoyisa angu-3 aseVereeniging asoleka enkohlakalweni yokugwazisa abokufika kuleli abangena ngokungemthetho.
Ngokombiko esinawo, lamaphoyisa amukela imali engu-R1000 emuva kokudedela abasolwa abavela emazweni angaphandle futhi abangenawo amaphepha akuleli.
Lamaphoyisa aboshiwe o-Sergeant Monyane Lebeko (46), Constable Mmarena Malesenya (27) ne Reservist Sergeant Peter Kumalo (50). Aboshwe e-Evaton ngesikhathi kunomkhankaso obizwa nge-Operation Shanela II.
Bonke laba kusolwa ukuthi bathatha imali ukuze bekhiphe ngaphandle abantu ababeboshelwe ukuba kuleli ngokungemthetho.
Kulo mkhankaso obuhlanganise amaphoyisa eSAPS eGoli, JMPD, abasebenzi bomnyango wezasekhaya nezinye izinhlaka kuboshwe abanye abasolwa abangu-76.
Amaphoyisa aboshiwe avele enkantolo okokuqala ngoLwesihlanu, mhlaka-24 Mbasa (April) abe esenikwa i-bail.
