
Thola konke ngobufakazi bukaMkhwanazi kwiMadlanga Commission ngosuku lwesibili
UMKHUZI wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi utshele iMadlanga Commission ngoLwesine ukuthi amadokodo athathwa KwaZulu-Natali amanye awo kwase kusele ukuthi kuboshwe abantu kodwa laba abawathatha bahlala nawo kwangaboshwa muntu ngenkathi ekubona.
UMkhwanazi ukhale nangamacala lapho abasolwa benikwa ama-bail, bethi bengaphandle nge-bail baphinde benze amanye amacala kodwa inkantolo iphinde ibanike enye i-bail. Wenze isibonelo ngomsolwa ecaleni likaSenzo Meyiwa, uFisokuhle Ntuli owagwetshwa ngamacala awu-4 okuzama ukubulala, walidlulisa icala esegwetshiwe, wadedelwa nge-bail esalinde isinqumo sokudlulisa icala. Wathi engaphandle nge-bail waphinde wabekwa amacala awu-4 okubulala.
Uthe kukhona asebavulele icala lokuzama ukuvimba uphenyo lwamaphoyisa ekuphenyeni amacala athinta uphiko oluphenya amacala okubulawa kosopolitiki, uthi kodwa uzobaveza ngasekugcineni.
UMkhwanazi uthe ukholwa ukuthi ungqongqoshe wamaphoyisa osanikwe ikhefu, uMnuz. Senzo Mchunu wayefuna ukuvala lolu phiko emuva kokuthi kukhona umuntu owamunxenxa futhi lowo muntu kungenzeka ukuthi uyathinteka.
Uveze igama lika-Fadiel Adams oyilungu lephalamende elimele i-National Coloured Congress (NCC) ukuthi wayenolwazi lwezobunhloli okwakungamele abe nalo futhi lolulwazi walusebenzisa ngendlela engafanele. U-Adams wamgxeka kakhulu uMkhwanazi emuva kwesithangami sabezindaba asibiza enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini ngoNtulikazi (July).
Ngalolulwazi u-Adams wavula icala e-Cape Town, kwathi emuva kwezinsuku ezimbili waphinde wavula elinye icala elifanayo esiteshini samaphoyisa esiseGoli, wabe esebhalela uMchunu ethi kukhona abaphazamisa icala alivulile.
UMkhwanazi uchaze kabanzi nangokuboshwa kuka-General Khumalo, waveza ukuthi lokhu kwakuyindlela yokuvimba uphenyo ngabashushumbisi bezidakamizwa e Gauteng. Igama lika-Fadiel Adams lilokhe livelile njengomuntu owayefuna u-General Khumalo eboshiwe.
Kuphinde kwavela igama lika-Dianne Kohler-Barnard yena omele i-Democratic Alliance (DA) ephalamende. UMkhwanazi ufunde isitatimende esakhishwa i-DA sibhalwe u Dianne Kohler-Barnard. Uthi u-Barnard wathatha izimfihlo zezobunhloli wazithi bhadla ezweni kodwa ibe ikhona indawo ephalamende ekwakumele ayiveze khona lento. Uthi lokhu wakubona njengendlela yokusabisa u-General Khumalo.
Uphinde waveza ukuthi izimoto zikasomabhizinisi, uMnuz. Vusimuzi “Cat” Matlala zazibhaliswe ngaphansi kukamasipala wase-Ekurhuleni zifakwe namalambu akuhlaza, ethi lokhu kwakwenziwa u-Brigadier Julius Mkhwanazi (abahlobene) oyisikhulu samaphoyisa kuwona lomasipala. Kuthe uma omunye umsebenzi oyiphoyisa naye ebika ngalokhu waxoshwa.
Uqhubeke wathi kunephoyisa laseGoli elisondelene kakhulu noKatiso Molefe oboshiwe elalimenzela izinto zibe lula.
UMkhwanazi ufunde imiyalezo lapho uMatlala etshela omunye umuntu ukuthi kuhle ngoba umkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke uzoboshwa kanti lokho kusho ukuthi umngani wakhe [uMatlala] uzoba umkhuzi wamaphoyisa.
Udaba luka-Brown Mogotsi okwavela ukuthi ubengumngani ongalungile kaMchunu balushiye phakathi ngenxa yokungenziwa kwamakhophi aqukethe ubufakazi bokuxhumana, bazoqhubeka nalo kusasa.
