EZEMISAKAZOIzindaba

I-Metro FM idlula zonke iziteshi ngokulalelwa

UCWANINGO lwakamuva olwenziwe i-Media Online 2025 luthole ukuthi umsakazo owenza inzuzo ngaphansi kwe-SABC, i-Metro FM ilalelwa kakhulu abantu abafuna ukuzwa umsakazo ngobuchwepheshe obudlala imisakazo (online).

Ngokwalolu cwaningo i-Metro FM ilalelwa kakhulu eNingizimu Afrika njengoba igijima ku-50%, i-Radio 2000 isendaweni yesibili ngo30% bese iGagasi FM lona libe sendaweni yesithathu ngo-28% ne Jacaranda FM kweyesine ngo-21%.

Kuvele ukuthi uma abalaleli befuna ukulalela umsakazo ngobuchwepheshe bancamela i-DStv Audio, ehamba phambili ngo-69%, endaweni yesibili kulandele i-YouTube ngo-61%, yona elandelwa i-Spotify ngo-56%. U-41% uncamela ukulalela ama-website azo iziteshi.

Okuqaphelekile ngalolu cwaningo lwe-Media Online 2025 ukuthi Ukhozi FM okuwumsakazo ohamba phambili ngabalaleli alubonwa nangokhalo kulezi balo. Akuthusi nokho njengoba kwaziwa ukuthi Ukhozi FM lunabalaleli abathembekile futhi abasakholelwa kakhulu ekuthengeni nasekulaleleni umsakazo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com