EZISEMATHENIIzindaba

Sikhulu isililo ngengozi yomgwaqo edlule no-DJ Poizen

AZIKAMUKELEKI kahle kwabaningi izindaba zokudlula emhlabeni kuka-Caven Masetla obedume ngelika-DJ Poizen, emuva kwengozi yomgwaqo eyenzeke eMokopane ngoMgqibelo.

Akukazeki namanje ukuthi kube yini imbangela yalengozi.

Ngokwemibiko esinayo u-DJ Poizen ubehamba nomunye umculi u-Chymamusique besuka emcimbini abebenandisa kuwo obuseMokopanethe ebusuku bangayizolo.

Kubikwa ukuthi u-Chymamusique ulimele kanzima futhi usegunjini labanakekelwa ngokusezingeni elithe xaxa esibhedlela.

U-Poizen (33) oke waba ilungu le-House Victimz ubesanda kwenza i-single yePiano ayenze noKabza De Small, kanye noJus Funo & Seraph IM obekumele iphume ngomhlaka-17 Lwezi (November) 2025.

Ubehlonishwa kakhulu emkhakheni womculo wePiano neHouse njengoba ehlanganise futhi wadidiyela inqwaba yezingoma ayokhunjulwa ngazo.

Abalandeli bakhe nozakwabo babhale ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukudumala emuva kokuzwa ngokudlula emhlabeni ngokuzuma kukazakwano nentandokazi yabo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com