Imibono

Unganiki abantu amandla abangenawo, uwena onamandla ngokwenzeka empilweni yakho

ANGISHUMAYELI kodwa ngiyafisa ukusho lento, ibekiwe kimi namuhla ingase ikusize. Yeka ukuthi uma ubona izinto zingakuhambeli kahle bese usola abantu. Ngisho ngabe uyabasola-ke kodwa yekela ukuhambe ukhuluma uthi ningibona nginjena nje ngenziwa usbanisbani ngoba ngalokho unika abantu amandla abangenawo. Amandla onke akuwe. Kungenzeka izinto zakho azihambi ngendlela ofisa ngayo wena. Konakala kade sekuhamba kahle futhi unesiqiniseko ukuthi kunomuntu owaba nesandla.

Ufuna umsebenzi awuwutholi, uyasebenza imali awuyiboni, uyahola iphelele ezandleni, uyahlukumezeka emsebenzini, izinto azihlangani kwezothando, unenkinga yokuthola abantu kodwa kusheshe kuhliphizeke, lowo mshado uyaphela, ufelwa abantwana, abaphilayo bayakuhlupha, ufuna isikole awusitholi, uyafunda kodwa akuphaseki ngenxa yezinkinga eziningi – usucabanga nokuyeka, unenqwaba nje yezinkinga ezixakile futhi uyazi ukuthi kunomuntu okumele ngobuthakathi noma onobufakazi ukuthi wenza okuthile okubi kuwe. Ungahambe ukhuluma ngaye uthi ningibona nginjena nje ngenziwa usbanisbani. Khumbula ukuthi akukho mayelana nokuthi abantu bakwenzeni kodwa ukuthi wena uzokwenzani ngempilo yakho futhi uphendula kanjani ezimeni ezikwehlelayo.

Ungahambi uthi ningibona nje ngenziwa usbanibani ngoba umnika ukwaneliseka azibone enamandla ngaphezu kwempilo yakho. Empeleni uwena onamandla ngempilo yakho. Njengoba unengqondo yokucabanga futhi imicabango yakho yaziwa uwena kuphela, amandla akho amakhulu alele lapho.

Impilo isengalunga, inqobo nje uma uzoyeka ukuhambe ukhomba abantu uthi unjenje yibo. Noma ngabe yibo ngempela futhi unobufakazi kodwa thula! Yiba nenkulumo nawe uqobo, yiba nenkulumo nomenzi wakho, uMvelingqangi ongumninimandla onke.

Akekho umuntu onamandla phezu kwempilo yakho kungavumanga yena. Ngisho noSathane uqobo kanamandla. Njengoba unyaka uqala nje qala ukucabanga ngokungayisa impilo yakho phambili. Ukhohlwe ukuthi abantu bazothini ikakhulu abangakulekeleli ngalutho. Kungcono ukuthi uzisole wena ngezinqumo zakho kunokube uhambe ukhomba abantu uthi ningibona nje ngenziwa ubani.

Okwenzekayo kudaliwe, kuthathe kanjalo. Ubunzima buzele ukuzokufundisa nokukulungisela isikhathi esizayo. Ngeke impilo yakho imiswe umuntu. Akunamuntu onalawo mandla ngisho ubuthakathi uqobo.

Cabanga ngekusasa lakho nokuthi ungenzenjani ukuze izinto zakho zihambe njengokufisa kwakho. Ukhumbule futhi ukuthi ngeke kuhleze njalo kuhamba njengokufisa kwakho. Zizofika izimo ezinzima kodwa zizodlula. Amandla onke akuwe. Ukhumbule ungabikeli bonke abantu ngezinhlelo zakho ngoba kuyiqiniso ukuthi abakufiseli bonke okuhle. Abakubone sewenza, bemangale.

Impilo ende!

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com