
Sesikwenye futhi inxushunxushu isitabane esijola nosaziwayo
ASIPHUMI emsindweni wezobudlelwano isitabane esidumile uLebo Kheswa njengoba sesixabene nomlingisi wakuleli, uLebo Makhene owayedume ngoTshidi kuGenerations esishade naye ngoZibandlela (December) 2020.
Ingxabano yalaba ingundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana, kwazise uLebo usanda kubhala amagama anzima ewabhekise kuLetoya.
Kulo mbhalo uLebo usola uLetoya ngokungabi neqiniso. “IYIPHI INGXENYE YAMANGA KA LETOYA ENINGAYIQONDI BAF’WETHU. Lena i-video ayenza eminyakeni eyi-10 edlule. Akanitshele njengePhara ukuthi uhlulwa izidakamizwa, ushiye ingane enezinyanga eziyisi-6 ngoba esethole enye. Ngikhipheni kule mpilo yakhe ebhedayo”, kubhala uLebo.
Uqhubekile wathi uLetoya uyamhlambalaza emphakathini.
“Njengamanje ungiqambela amanga kodwa ngizomphendula. Ngicela ungiyeka bandla ngijabule”, kwengeza yena.
Abalandeli bakaLebo ezinkundleni zokuxhumana banxuse uLebo ukuthi aphume aphele kuLetoya ukuze aqhubeke nempilo yakhe ngokuthula
Omunye umlandeli uthe: “Lebo myeke”, yena waphendula wathi: “Ngizomyeka uma eseyekile ukungiqambela amanga”.
Omunye umeluleke ngokuthi akahoshe izinyawo amyeke uLetoya azihlambalaze ngaphandle kokuphazanyiswa, eveza ukuthi mayelokhu emphendula abantu bazokuthatha ngenye indlela lokho.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2024 kusuke impi enkulu ezinkundleni zokuxhumana umlingisi uSello Maake-kaNcube esola uLebo Kheswa ngokumthathela umakoti wakhe uPearl Mbewe.
