
Sekufe 10 ezingozini ezehlukene eMpumalanga
UMPHATHISWA wezokuphepha komphakathi, ezokuphepha nokuxhumanisa umphakathi esifundazweni iMpumalanga, uMnuz. Jackie Macie usenxuse abashayeli ukuthi beshayele ngokucophelela emuva kwezingozi ezimbili (2) ezehlukene ezenzeke kulesiya sifundazwe ngoMsombuluko ekuseni, mhlaka-18 Ncwaba (August) 2025.
Abantu abane (4) bafe emgwaqeni u-R547 phakathi kwase-Kinross ne Kriel ngesikhathi imoto eyi-sedan abebehamba ngayo iphaphalaza yase iginqikela ngaphandle komgwaqo. Laba bonke bebengabesilisa, kuhlanganisa nomshayeli.
Baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze kwase-Evander ukuze bethole ukwelasha okuthe xaxa.
Enye ingozi yenzeke ku-N12 phakathi kwe-Delmas naseMalahleni, okufe kuyo abantu abayisithupha (6). Kule ngozi kushayisene amaloli amabili (2), phakathi kwawo elinye bese lishintshelwe ukuthi lilayishe abantu. Ngesikhathi lishayisa belilande abasebenzi libayisa epulazini eliseduze.
Abayisi-6 bebelimele kanzima, kwathi abayishumi nanye (11) bona bebetubekile kuphela. Abalimele baphuthunyise esibhedlela esiseduze ukuze belashwe.
“Nakuba sizama konke njengohulumeni nezinhlaka zonke ukunciphisa izingozi, kodwa ziyenyuka izinombolo zabantu abafa ezingozini zomgwaqo. Kubalulekile ukuthi bonke abasebenzisi bomgwaqo bedlale indima yabo ngokuthi beqaphele uma beshayela.”
“Kufanele futhi belandele imithetho yemigwaqo. Izingozi ezingaphezulu kuka-80% zibangelwa ukuziphatha kwabantu nobudedengu okuze kuthathe izimpilo zabantu abangenacala”, kusho uMacie.Udlulise amazwi okududuza umindeni elahlekelwe izihlobo zayo. Ubuye wafisela abalimele ukululama okuphuthumayo.
