
Sebeyasaba ukukhishwa nge bail ababulala u-AKA
KUMANGALE abebesenkantolo ngesikhathi izelamani zakwaNdimande ezisolwa ngokubulala umrepha wakuleli uKierman “AKA” Forbes, uMalusi no Siyabonga betshela inkantolo ukuthi kulunge betholoza ejele abasayifuni i-bail.
Lezi zelamani zakwaNdimande bezivele enkantolo, i-Durban Magistrate’s Court ngoLwesihlanu, ngecala lokubulala u-AKA nomngani wakhe owayengumpheki odumile, uTebello “Tibz” Motsoane.
Baboshwe nabanye abasolwa abathinteka kuleli cala elenzeka ngo-2023, ngaphandle kwendawo yokudla engasasebenzi iWish Restaurant kuFlorida Road, eThekwini.
Balandwe Eswatini ngoLwezi emuva kwempi yezomthetho edonse isikhathi eside. Kuthe kungazelele muntu bayeka ukulwa impi yokuthi bebuyiswe kuleli.
Icala lihlehlele umhlaka-17 Mbasa (April) 2026.
