
Mase kungasahambeki, guqa ngamadolo uncenge mtakama sekuseduze!
AVE kubalulekile ukuba umuntu aphile ngokugqugquzeleka empilweni. Lokhu kukunika amandla okuqhubekela phambili noma kunzima.
Ukugqugquzeleka empilweni komuntu oyedwa empilweni kunika abanye ithemba, amandla, kanye nesibindi sokubhekana nezinselelo. Kubenza baphumelele futhi baphile impilo enenjongo.
Kubalulekile futhi ukunakekelwa kwempilo yengqondo, kanye nokufunda amasu ehlukene okuphumelela. Ukuphumelela kwabantu abehlukene akufani njengalokhu benezifiso ezingefani. Gxila kakhulu kulokho okuhambisana nokufunayo wena.
Nawa amaphuzu abalulekile angakusiza empilweni:
- Vuka uzithathe:Â Khuthazeka, ubhekane nezinselelo noma ezinzima kanjani, gwema izidakamizwa, futhi ulwele ukufezekisa amaphupho abo.
- Zigqaje ngemvelaphi:Â Yazi futhi uzigqaje ngemvelaphi yakho njengendlela yokwakha ubuntu obuqinile nenkambo eyamukelekile yokuphila.
- Naka impilo yengqondo yakho namandla angaphakathi:Â Kuhle ukunakekela imizwa nengqondo yakho, ikakhulukazi amadoda, ngokubhekana nezinselelo zokuphila. Kubalulekile nokuyeka ukulahla ithemba, hlala ubheka phambili ngezibusiso ezikhona. Kungenzeka noma yini, noma nini.
- Yenza izinto ngokucabangela ikusasa:Â Sebenzisa ubunzima odlule kubo empilweni njengamandla okuzithuthukisa nokusiza abanye.
- Ukufunda nokuphumelela: Zimisele ngezifundo zesikole, uzijwayeze ukufunda njalo, kanye nokudela ezinye izinto ukuze kuphumelele ikusasa.
- Ukuxolela nokudlula ezinkingeni:Â Ukufunda ukuxolela abakonile ukuze udlule ezinkingeni (emoyeni) futhi ubuyele esimweni esihle sokuphila.
- Ukubaluleka kokuqhubeka:Â Ungalilahli ithemba, qhubekela phambili ubheke amathuba akuhlalele bese uwasebenzisa.
Ukugqugquzeleka empilweni kusekwakheni kuwe umoya wokholo, nokulwela ukuhlala ezintweni ezikwakhayo.Â
