
OBEKUMOJA LOVE UFUNA U-R10M NGOKUNTSHONTSHWA KOMSEBENZI WAKHE
UDINWE ugane unwabu uThabiso Makhetha obengumdidiyeli wezinhlelo esiteshini sikamabonakude iMoja Love njengoba esisola ngokuntshontsha umsebenzi wakhe emuva kokudlalwa kohlelo athe wazisungelela lona.
Abameli bakaMakhethi, iModise Wandile Attorneys bathi ikhasimende labo lifake isimangalo ngokusetshenziswa komsebenzi walo ngaphandle kwemvume yalo. Ngokwencwadi ebhalelwe isikhulu esiphezulu seMoja Love, u-Aubrey Tau, abameli bakaMakhetha, kuvele ukuthi lo mdidiyeli uthi iMoja Love yenze kabusha umsebenzi wakhe, yawudlala yaphinde yawusabalalisa ngaphandle kwemvume yakhe.
Umsebenzi akhala ngokuthi untshontshiwe uMakhethi i-Light of Hope Bootcamp (LOHB) athe usushintshwe wabizwa ngokuthi Uth’ uyikleva.
“Sesikutholile ukuthi nisebenzise, nenza kabusha, nasabalalisa noma naxhaphaza umsebenzi ovikeliwe ngaphandle kokugunyazwa noma ilayisense, nokuwukuphula umthetho wezokuvikelwa komsebenzi wamaciko”, kubhalwe ingxenye yale ncwadi.
UMakhetha ufuna lesi siteshi sinqamule ukudlalwa komsebenzi wakhe, futhi sisuse yonke imikhiqizo ethinta okusondelene nawo ezinkundleni zawo bese simnika imali engu-R10 million, futhi konke lokhu kwenzeke ngokushesha.
IModise Wandile Attorneys iyalele iMoja Love ukuthi ibhale isibopho esiqinisekisa ukuthi izoyilandela imibandela abayibekele yona emuva kwezinsuku ezinhlanu ithole incwadi. Laba meli baxwayise iMoja Love ukuthi uma ihluleka ukwenza lokhu izohlangabezana nezimbila zithutha okuhlanganisa ukufaka udaba enkantolo yezomthetho futhi kuqhutshekwe nokufunwa ngodli inkokhelo yamademeshe.
UMakhetha uthe wethula isiphakamiso salo msebenzi wakhe esiteshini esasebenza kusona ngo-2019, futhi lo msebenzi kwakuyinto yakhe njengoba wawungahlangene nezinto ayezenza esiteshini ngaleso sikhathi.
Ngesikhathi ethula isiphakamisa salolu hlelo wakuveza ukuthi luzothulwa umfundisi oke waba ilungu leqembu lomculo weKwaito, i-TKZee uKabelo Mabalane. Uthe uhlelo lwaluzocela imvume emnyangweni wezobulungiswa nokuhlunyeleliswa kwezimilo kuleli lapho abafana abancane beboshwe khona njengoba lwaluzogxila ekufundiseni ngemiphumela yokuziphatha ngobudlwembe kwentsha yesilisa.
Nokho iziphendulela iMoja Love ithe ngesikhathi uMakhethi ethula lo msebenzi kubona wayesebenza njengomdidiyeli wezinhlelo zabo, ngakho umsebenzi lona akhuluma ngawo ngowabo.
“Kulokhu enikhuluma ngakho, ikhasimende lethu lingumnikazi osemthethweni walo msebenzi osuselwa kwi-LOHB”, kusho okhulumela inkampani yabameli beMoja Love i-Rupert Candy Attorneys.
IMoja Love ithe uhlelo oluthi Uth’ uyikleva luwu msebenzi ozimele futhi osungulwe ngokuhlanganyela yiMoja Love no-Prince Wako Pitori oyi-content creator.
