
Ubuyele ukuzoqhubeka nodlambedlu u-SK Khoza emdlalweni we-eTV
UMLINGISI owagqama kakhulu emdlalweni owuchungechunge, i-The Queen lapho ayedlala khona indawo kaShaka usejoyine Isitha: The Enemy okuwumdlalo oboniswa ku-eTV phakathi nesonto.
Kulo mdlalo uzodlala indawo kaSabelo abeyidlala emdlalweni osewaqedwa i-The Black Door. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoNdasa (April) 2023 ngesikhathi i-The Black Door iqedwa, endaweni yayo kwangena Isitha: The Enemy. Okwalandelwa ukuthuthwa kwabalingisi be-The Black Door bafakwa emdlalweni omusha.
I-eTV ikhiphe isitatimende imemezela ukuthi u-SK uzoqala ukubonakala edlala indawo kaSabelo ngoMsombuluko, mhlaka-9 Nhlolanja (February) 2026.
“Ukufika kwakhe isahluko esizowushukumisa lomdlalo, kanjalo nemibango engazange ixazululwe eyenzeka eSihlahleni izoqhubeka nokunyusa iqophelo lendaba exoxwa umdlalo”, kusho isitatimende.
“USabelo uzofika kulomdlalo njengosomabhizinisi ozoba nezingxoxo zokubambisana noNandi noSolomzi. Nokho ukufika kwakhe kuzoba ibhomu abengalilindele uSolomzi njengoba enomlando noNandi owaqala besadlala ku-The Black Door.
“Kuvuka ezindala, ubuhlungu, imizwa eseyagqitshwa, namanxeba amadala angafuni ukuvaleka”, kubhalwa abakwa-eTV.
U-SK utshele abalandeli bakhe bazokuthokozela konke okuzobe kwenziwa uSabelo kulo mdlalo.
“USabelo udlala indawo kasomabhizini ovuthiwe kakhulu futhi onomsebenzi ongaqediwe. Ukumbuyisa kwi-Isitha: The Enemy kube into enhle ngoba kubonisa ukuthi kwenzakalani uma imuva lihlangana nekusasa”, kusho u-SK.
“Kunothando, izilingo, umona nengozi yangempela okuyikho okushukumisa udlambedlu. Ababukeli bazobona uhlangothi lukaSabelo olunesihluku, uzwelo futhi olungaqaguleki”, kuphetha yena.
