
“Ngeke ngibe isibukeli, ngifuna ukuba ingxenye yoshintsho” – Jacinta Ngobese-Zuma
EMUVA komsindo obe sezinkundleni zokuxhumana osuke emuva kokumiswa kwakhe obengumsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese-Zuma uzobonakala emphakathini emashini ezoba ngoLwesihlanu eGugu Dlamini Park eThekwini.
Lemashi egqugquzelwa umkhankaso oqhutshwa ezinkundleni zokuxhumana i-“March and March” ihlose ukuhlaba ikhwelo kuhulumeni ngabantu abangena ubuthaphuthaphu kuleli ngokumthetho.
UJacinta uthe ngeke abe isibukeli yena, ufuna ukuletha ushintsho. “Senginqumile ngeke ngihlale phansi ngibe isibukeli”, ubetshela intatheli ye-TshisaLIVE.
“Ngifuna ukuba ingxenye yoshintsho. Sawuqala kanjalo umkhankaso we “March and March” nabantu ezinkundleni zokuxhumana futhi sizokwenza isiqiniseko ukuthi sizomasha size sizwakale”, kusho yena.
Lo msakazi osephenduke isishoshovu uthe ugqugquzelwa izikhalo zabantu baseNingizimu Afrika kuleminyaka, ezinye zazo unqwamane nazo ngesikhathi esebenza njengomsakazi.
“Njengomsakazi, njalo ngithola izikhalo kubantu abangakwazi ukungena ezikhungweni zezempilo, ukushoda kwemisebenzi nobugebengu obusezweni konke okudalwa abantu bangaphandle abathutheleka kuleli”, kusho uJacinta.
Ugcizelele ukuthi imashi yabo ayiphehlwa inzondo kwabokufika, kodwa iphushwa izikhalo eziyiqiniso ezidluliswa abalandeli bakhe futhi okudinga uhulumeni azinake.
Nokho abantu abayi nxanye bengemazi, kukhona abanye ezinkundleni zokuxhumana abamncomayo ngokusukumela lolu daba, ngesikhathi abanye bemgxeka futhi bemsola ngokuphehla inhlukano nodungunyane edolobheni elinomlando wombidlango owaba nodlame kuxoshwa abokufika kuleli.
“Simashela ushintsho, ukuhleleka nekusasa leNingizimu Africa”, kusho uJacinta
*Lolu daba lucashunwe ezikweni iTshisaLIVE
