Izindaba

UBOSHIWE UMMELI OWAKHWABANISELA ISISULU IMALI ENGU-R10M YE-RAF

UGCINE efahlwe ngamasongo kasigonyeli ummeli, u-Michael Mabunda obefunwa amaphoyisa angaphansi kophiko lwama-Hawks Serious Commercial Crimes Unit ngecala lokukhwabanisela isisulu imali engu-R10.5 million ye-Road Accidents Fund (RAF) emuva kokuba sibe sengozini yemoto ngo-2019.

Ngokusho kwama-Hawks, lo mmeli wasePitoli oneminyaka engamashumi amane nambili kuthiwa wafaka isicelo egameni le-client yakhe, nebala saphumelela njengoba i-RAF igcine ifake imali engu-R10.5 million kwi-account yakhe ummeli. Kodwa uMabunda akazange ayedlulise lemali kwi-account ye-client yakhe, okwaholela ekutheni liqhubeke nokuba sesimeni esinzima sezimali.

UMabunda uvele okokuqala enkantolo i-Pretoria Specialised Crimes Court ngoLwesibili, icala labe selihlehliselwa umhlaka-26 Lwezi 2024 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Oyinhloko yophiko lwama-Hawks eGauteng, u-Major General Ebrahim Kadwa ukwamukele ukuboshwa kwalo mmeli, “Ukuboshwa kwalo kuzokumbuza nabanye abasemkhakheni wezomthetho ukuthi begcine ubuqotho nokwethembeka uma besebenza ngezimali zama-client abo. Izenzo zokuqola ngeke zibekezelelwe, abenza bazo bazobhekana ngqo nengalo yomthetho”, kusho uKadwa.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com