EZEMISAKAZOIzindaba

Lihlehlele uNdasa elomsakazi oboshelwe ukudlwengula uzakwabo

UVELE kafushane enkantolo iMoutse Magistrate’s Court, uKgaogelo Raymond Mokgabudi (42) ongumsakazi esiteshini somphakathi saseLimpopo emuva kokuboshelwa icala lokudlwengula uzakwabo endaweni yaseWalkaal khona eLimpopo.

Leli cala lithuse abantu abaningi abasendimeni yezokusakaza esifundazweni.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eLimpopo, u-Brigadier Hlulani Mashaba lesigameko senzeke endlini yomxhaso kahulumeni ngomhlaka-26 Zibandlela (December) 2025. “Ummangali owesifazane oneminyaka engamashumi amathathu lesishiyagalolunye (39) osebenza emsakazweni ofanayo nommangalelwa futhi bake bathandana kanti naye ungumsakazi”, kusho uMashaba.

UMashaba uthe ummangalelwa walandela ummangali ngesikhathi eseshayisa emsebenzini. Uthe [ummangali] mayengena endlini naye washo phakathi, nokuyilapho amnukubeza khona.

Ummangali uboshwe ngomhlaka-30 Zibandlela 2025 wavela enkantolo ngosuku okufanayo. Ugcinwe esitokisini waze wavela enkantolo ngoLwesine, mhlaka-8 Masingana (January) 2026.

UMokgabudi uthole i-bail ka-R2000 kanti umbuso awuzange uyiphikise njengoba eqala ukwenza icala.

Inkantolo imyalele ukuthi ahloniphe imibandela ye-bail okuhlanganisa ukuhlala ekhelini alinike inkantolo.

Icala lakhe lihlehlele umhlaka-16 Ndasa (March) 2026.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com