
Zishe zawumlotha izingane (3) kuqubuka ilangabi endlini ebezivaleleke kuyo
AKWAZIWA namanje ukuthi ngabe udalwe yini umlilo oshise, kwafa izingane ezintathu (3) eziphakathi kweminyaka emibili (2) nemine (4) oqubuke endlini eyigumbi elilodwa esigodini sase-Itsani eLimpopo ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa, u-Colonel Malesela Ledwaba uthe izicishamlilo zifike kulendlu zathola izingane sezishe zangqongqa zingasabonakali, kodwa ziwuthothobalisile umlilo waze wacisha.
Uthe okwamanje akukaziwa ukuthi kube yini imbangela yomlilo, kodwa imininingwane izodedelwa uma sekwenziwe uphenyo.
Lezingane zigcine ukubonakala zidlala eduze kwayo lendlu ezishe kuyo ngaphambi kancane kokuba igqamuke amalangabi.
“Akucaci ukuthi izingane zingene kanjani ngaphakathi endlini. Kuzobizwa ongcweti ukuze besize ngophenyo.
Amaphoyisa asazophenya ukuthi abekho yini abangaboshwa ngokufa kwalezingane kuhlanganisa abazali nababheki bazo ngamacala okuba budedengu nokuhluleka ukuqapha izingane ezincane”, kusho u-Col. Ledwaba.
