EZEMIDLALOIzindaba

KUYEHLULE UKUFA INKAKHA KWEZOKUSAKAZA EZEMIDLALO

SIMUNCU isimo emkhakheni wezemidlalo nezemisakazo kuleli emuva kokudlula emhlabeni kukaPhumlani Msibi obengumethuli wezemidlalo ku-Supersport.

Izindaba zokudlula emhlabeni kukaMsibi (57) zimenyezelwe emphakathini iyona i-Supersport ngoLwesihlanu ebusuku.

Le nkakha yomsakazi engeyokudabuka eThekwini, KwaZulu-Natali idlule emhlabeni emuva kokugula isikhashana.

“I-Supersport ibuhlungu ngokudlula emhlabeni kwalenkakha ebisakaza ezemidlalo, uPhumlani Msibi”, ibibhale kanjalo i-Supersport ku-X.

“Sifisa ukududuza umndeni, abangani nozakwabo ngokulahlekelwa okukhulu kangaka”.

UMsibi uzakhele igama ekusakazeni ethula isibhakela kanye nebhola emisakazweni yakwa-SABC. Ungene emsakazweni emuva kokuzwakala kwekhono lakhe ngasekuphetheni kwama-90’s esamemezela emahholo okwenzeka ebhokisini uma kunezimpi. Ngaleso sikhathi ubejwayele ukusebenzisana nomgqugquzeli wezimpi, uMzi Mnguni.

Uchithe isikhathi esiningi ku-Supersport nokuwumsakazo adlule emhlabeni esebenza kuwona.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com