EZISEMATHENIIzindaba

KUSOLWA ABAMATEKISI NGOKUSHA KWAMABHASI ANGU-50 E-PUTCO

SEKUVELE izinsolo ezingaqinisekisiwe zokuthi kuthinteka izinhlangano zabamatekisi esifundazweni iMpumalanga ngomlilo oqubuke ezikhumulweni zenkampani yamabhasi i-Putco. UMKHAYA ubikile ngoMsombuluko ngomlilo oqubuke esikhumulweni samabhasi alenkampani esiseMoloto washisa amabhasi ayishumi nanhlanu (15).

Ngokombiko okhishwe umnyango wezothutha kuzwelonke angaphezu kwamashumi ayisihlanu (50) amabhasi ashe kulesi sehlakalo.

Kusolwa ukuthi kuneqembu labantu abangaziwa abahlomile abahlonze ukuhlasela izikhumulo ezithile ze-Putco esifundazweni. NgoMsombuluko ngesikhathi kuqala lomlilo eMoloto kwaphinde kwahlaselwa abasebenza bakhona ababili kwathi oyedwa wabo walimala kanzima.

Le nkampani ithutha abantu ababalelwa kwizinkulungwane ezingamakhulu amabili (200 000).esifundazweni iMpumalanga zonke izinsuku.

Imibiko engaqinisekisiwe idalule ukuthi kungenzeka ukuthi ukushiswa kwezikhumulo zamabhasi akwa-Putco kwenziwa izinhlangano zabamatekisi ngenxa yombhango wemizila yokusebenza.

Nokho okhulumela i-Putco, uLindokuhle Xulu uthe zikhona lezo nxushunxushu kodwa akukho okungenza sithi ilokho noma sikhombe umuntu othile ngenjumbane. Asikho isiqiniseko sokuthi inhlangano ethile yosomatekisi noma umuntu othile.

“Okwamanje sisebenzisana namaphoyisa, sizothembela kuwo ukuba asinike ulwazi ukuthi ubani owenze lokhu futhi ubekwenzelani”, kusho uXulu.

Njengamanje le nkampani isebenza ngaphansi kweso elibukhali eMpumalanga njengoba kuqinisiwe ezokuphepha emizileni ehamba kuyo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com