Izindaba

Kusize amaphoyisa izigebengu seziyishaye zayivala imali kathishanhloko obethunjiwe

UKUSEBENZISANA kwamaphoyisa aKwaMakhutha ne-Inanda SAPS Task Team kusize kwatholakala uthishanhloko obethunjwe izigebengu esemzini wakhe KwaMakhutha ngeSonto ebusuku.

Ngokombiko esinawo lona wesifazane oneminyaka engu-55 kuthe eya emzini wakhe walandelwa amadoda amahlanu abehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Avanza.

Bathe mabengena emzini wakhe, bathatha yonke impahla abeyiphethe, bashaqa naye bemuka.

Abakwazanga ukuthatha imoto yakhe, kodwa bamphoqe ukuthi athumele yonke imali ebikuma-account akhe asebhange.

Amaphoyisa abikelwe ngalesigameko aqalisa uphenyo oluwaholele emzini oseNewtown A ngoMsombuluko ntambama.

Athe mayefika abasolwa bawabona bagcwala amathafa, ngenhlanhla lona wesifazane utholwe eboshiwe eyedwa endlini.

Ubehlaliswe esimpontshini, eboshwe izandla.

Amaphoyisa athe uzoyiswa kudokotela ozomhlola, ukubheka ukuthi isimo sakhe sikahle yini.

Umabonakude obuntshontshiwe utholakele.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com