EZEMIDLALOIzindaba

Kuhlukene inhloko nesixhanti ku-Sundowns nababelandwe uMiguel Cardoso.

KUBUKEKA sengathi iMamelodi Sundowns ifuna ukuqeda nya ngesikwati sabadlali abafike ngesikhathi izintambo zisabanjwe uMiguel Cardoso.

Labo shampeni ye-Betway Premiership, bamemezele ukuthi kuphelile obekubahlanganise nesikhwishikhwishi somdlali uThembinkosi Lorch.

ULorch ofike ku-Sundowns ngo-2024 ephuma ku-Orlando Pirates uzongena emabhukwini e-Wydad Casablanca ngokugcwele njengoba ubevele ebolekiswe kuyo.

Omunye umdlali leli qembu lase-Chloorklop eliqinisekise ukuthi liyamchitha uNeo Maema oyibamba esiswini.

Esithombeni: UNeo Maema

UMaema oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) uyisize kakhulu i-Sundowns selokhu efike kuyo ebamba iqhaza elikhulu ekuyinqobiseni izicoco.

Ufike nge-season ka-2020/21 ephuma ku-Bloemfontein Celtic yase-Free State eseyahlakazeka.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com