Izindaba

Kuvulwe Isithabathaba Se-museum KwaDukuza Kugujwa I-Africa Month

Abantu abahlala ngaphansi kuka masipala waKwaDukuza nasezindaweni ezingaphansi kukamasipala wesifunda iLembe babe nenhlanhla behanjelwe izikhulu zikahulumeni wesifundazwe KwaZulu-Natali kanye nowendawo zizovula i-museum kanokusho eyakhiwe ngo-R26 million. Kunethemba lokuthi le-museum eqanjwe ngegama elithi KwaDukuza Museum izokwakha uthando kubantu bendawo lokufunda ngomlando kanye nokuwazi.

Phakathi kwezinye izikhulu zikahulumeni ebezikhona kuvulwa le-museum umphathiswa woMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natali, uDkt. Ntuthuko Mahlaba kanye nemeya kumasipala waKwaDukuza uLindile Nhanca.

UMahlaba utshele abantu baKwaDukuza ukuthi indawo yabo inomlando onothe kakhulu okufanele ulondolozwe. Uthe ukwakhiwa kwale-museum kungenye yezindlela zokugcina umlando futhi kubalulekile ibe usizo ekufundiseni abantu ngomlando.

“Kuyangithokozisa ukuvula le-museum lapha futhi sibe sizogubha usuku lomhlaba lwama-museum. Sishumayela izwi lokuthi abantu befunde izincwadi, bebhale futhi behlale njalo bezingela ulwazi. Leli dolobha liyikhaya kumbumbi wesizwe samaZulu, uShaka Zulu. Abantu bakulendawo kufanele bebangisane ukuza kule-museum ukuzoncela ulwazi”, kusho uMahlaba.

Imeya kamasipala wakwaDukuza inxuse umphakathi ukuthi iyivikele i-musem kumasela ngoba ingeyawo. “Sakhele umphakathi le-museum, nawo sinxusa ukuthi uyivikele . Sicela lokho nje kinina. Kuyoba ishwa ukuyibona esikhathini esizayo seyicekeleke phansi”, kuphetha uHanca.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com