EZISEMATHENI

Kushaqeke ababukeli beqabulana bukhoma ohlelweni u-Anele Zondo no L-Tido

ABABUKELI be-podcast kaL-Tido basashaqekile namanje emuva kwesenzo esingavamile sokuqabulana kosaziwayo abebenengxoxo ohlelweni lwe-podcast.

Omunye wabaphawulile ngokushaqeka kwakhe kube umdidiyeli nesikhulu somculo wakuleli esidume ngesipepe, uNota Baloyi okubize ngobusathane ukuqabulana bukhoma kuka-Anele Zondo no L-Tido kubuka izwe lonke kwi-podcast.

Le-podcast eyethulwa umrepha uL-Tido futhi esuse umsindo idlale ngoLwesithathu, mhlaka-16 Ntulikazi (July) 2025.

UNota uthe uhluleke nawukuyibuka ayiqede le-podcast, nakhona usizwe ukuthi bekunenye nayo ebikhuluma izinto ezishaqisayo ngecala likaSenzo Meyiwa, obekukhuluma kuyona u-Adv. Teffo Malesela.

Esithombeni: UNota Baloyi ephuma enkantolo i-Randburg Magistrate’s Court

“U-Anele ubengenwe uSathane. Ubeqhuba isiko lokuhlambalaza. Ubethunywe ubani ukuthi enze lento? Ayinabuntu futhi inobufebe. Ungumama oneminyaka engu-32, uyazi ukuthi ubethunywe imuphi umoya. Angiyibukanga yonke lento, ngibonga u-Adv. Teffo ophazamisile”, kusho yena.

U-Anele ongumlingisi nomethuli wezinhlelo emsakazweni nakumabonakude uthuse abaningi esukuma phakathi nengxoxo kulolu hlelo ehlala izithonto futhi enameka isinanqa sika ‘kiss’ kuL-Tido, naye ongazibambezelanga wawamukela.

Ngaphambi kwalokho u-Anele ubexoxa ngempilo yakhe, ukukhuliswa kwakhe unina owayenguthisha noyise owayenguthishanhloko. Uchaze nokuthi bakhule bengamantombazane bebane (4) kwabo, bephila impilo ephezulu kodwa ejwayelekile emizini eminingi kuleli.

U-Anele ube esengena odabeni lokukhulelwa kwakhe ngo-2024, nokuthi abantu abaningi babecabanga ukuthi uyise wengane yakhe uCiza, nokuyinto eyadunyiswa uMusa Khawula – ovame ukubhala izindaba zosaziwayo.

Kuthe kungazelele muntu baqala ukuthamba laba bobabili, u-Anele noL-Tido. Bese bekhuluma bejeqezana emehlweni. Bathe besuka babetshelana ezinhlamvini zamehlo ukuthi amagazi abo ayezwana.

Umethuli we-podcast ube esencoma izindebe zika-Anele, ovele wasukuma kusofa abehleli kuwo waya kuL-Tido wayomnameka ngesinqandi esivuthayo bhe!

Baningi abanye abaphawulile ngokushaqeka kwabo emuva kwalokhu.

“Ukuqabulana bukhoma kuka-Anele Zondo no L-Tido, akuyona into ebengiyilindele. Lmao”, kusho u@_ShaunKeyz ku-X.

U @VanessaMaseko21 uthe: “U-Anele uyazilahlela, uL-Tido ubengazi enzeni”.

“Ukuvukela ku-Anele no L-Tido beqabulana? Ubusuku bumoshakele ngabe uyenzelani lento kimi”, kusho u @tumelomohotji.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com