
Kuboshwe abokufika abadiliva izimpahla ngezithuthuthu bengenamvume yokuba kuleli
AMAPHOYISA kamasipala waseThekwini abophe amadoda ayishumi (10) angawokufika kuleli, adilivela abantu izimpahla ngezithuthuthu e-Westville.
Ngesikhathi amaphoyisa ematasa ebopha laba omunye wabo ongowaseMalawi uzame ukugwazela iphoyisa ngo-R500.
Uboshwe ngokushesha kwangezwa nelinye icala lokuzama ukugwazela iphoyisa.
Esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa kamasipala athe azibophezele ekulweni nezenzo ezingekho emthethweni, azimisele ukugcina umthetho futhi aqinisekise ukuphepha nobuqotho emphakathini.
