
Abengabadi bebedla ngaphezu kuka-R1 billion ngosuku bethenga utshwala ngamaholidi kakhisimuzi
NAKUBA kwaziwa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayazifela ngotshwala njengoba izibalo zithi bayawudla u-R400 million ngosuku bebuthenga, kodwa kulamaholidi esiphuma kuwo bagile izimanga bedla R1 billion ngosuku otshwaleni.
Ukunyuka mawala kokuthengwa kotshwala kuyethusa kakhulu njengoba izinga lokungasebenzi liphezulu kulelizwe. Nokho kuyacaca ukuthi imicimbi enotshwala, njengehlanganisa imindeni nokungcebeleka nabangani iyona ehamba phambili.
Izitolo ezidayisa utshwala ziphithizela kakhulu ngalesikhathi okuyinto ekhathaza abahloli balemboni nabezempilo ngezinga lokusetshenziswa kwemali engaka ngento engakhi sisekelo sekusasa.
U-Kashifa Ancer we-Rethink Your Drink utshele i-eNCA ukuthi indlela okukhangiswa ngayo utshwala, okuhlanganisa ukwehlisa kwamanani nokunye okuheha abathengi ikhona okunyusa mawala ukuthengwa nokuphuzwa kukatshwala ngalendlela engajwayelekile.
Abahlaziyi bathi lento ingaphezu kokufuqa umnotho kwabadayisayo kodwa ifaka ingcindezi ezikhungweni zomphakathi okufanele zibhekane nenqwaba yezinhlekelele ezidalwa ukusetshenziswa budedengu kotshwala. U-Ancer uthe imali engu-10% kuya ku-12% yakuleli isetshenziselwa ukubhekana nemiphumela yokuphuzwa kotshwala kunokusiza umphakathi wonkana.
Ukusetshenziswa kangaka kwemali kahulumeni ezimeni ezihlangene notshwala nokunyuka mawala kokuthengwa kotshwala ngamaholidi kakhisimuzi noncibijane sekusukumise abaqaphe lemboni ukuthi kweluswe amanani nemigomo yokudayisa ukuze kulawuleke lokhu kuthengwa kwakho okungajwayelekile.
Okuqaphelekile ngalamaholidi ukuthi indlela okuphuzwa ngayo utshwala kuleli ayinyukile nje kuphela kodwa sekunenselelo yokunyuka kokuthengwa kotshwala emakethe yasehlathini okubizwa phecelezi nge-black market, okubikwa ukuthi kunyuke ngo-18%. Lokhu kukhinyabeza kakhulu umnotho wezwe njengoba lemakethe ingayikhokhi intela futhi ibeka ezempilo engcupheni.
Njengoba unyaka uqala nje kuningi okufanele kubhekisiswe. Ukunyuka komnotho ngokuthi kuphuzwe kakhulu ngamaholidi kakhisimuzi nokufaka abantu ezindlekweni ezingakhi isisekelo sekusasa kuphoqa ukuthi kube nengxoxo evulelekile.
