EZISEMATHENIIzindaba

Iyacula inkabi eyathunywa uZuma ukubulala umholi we-DA

NGOMSOMBULUKO kuvele ubufakazi obushaqisayo ngesikhathi inkabi uZwelithini Buthelezi osephenduke ufakazi wombuso ededela amakati esakeni ngokukhokhelwa iNkosi yasizwe sakwaNxamalala eMpendle, uSimphiwe Zuma ukuthi abulale umholi we-DA, uNhlalayenza Ndlovu.

INkosi uZuma (55) ibivele enkantolo, i-Howick Magistrate’s Court nabanye ababili (2) eboshwe nabo, oThabani Masobho Hlongwa (31) no Khayelihle Shabalala (30).

UButhelezi udalule ukuthi uZuma wamkhokhela imali engu-R75 000 ngokubulala uNdlovu emuva kokubanga ingxenye ethile yomhlaba nomasipala.

Esithombeni: UZwelithini Buthelezi

UNdlovu oyisihlobo sikaZuma wadutshulwa wafa ngaphandle komuzi wakhe oseMpophomeni ngoZibandlela (December) 2023. Lokhu kwenzeka phambi kukankosikazi, izingane zakhe ezimbili nogogo wazo.

Umshushisi omkhulu, u-Lawrence Gcaba ufunde i-affidavit ebhalwe umseshi u-Sgt. Delani Chamane wophiko oluphenya amacala okubulawa kosopolitiki lapho aveze khona ukuthi uZuma ungungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokubulala uNdlovu.

UChamane uthe uphenyo lwabo luvumbulule ukuthi uZuma wakhokha u-R75 000 kuZwelithini Buthelezi ukuthi abulale uNdlovu osephenduke ufakazi wombuso.

UGcaba uthe umbango waseMpophomeni eduze kwase-Howick kanye nokwala ukhasha kukaNdlovu ukuxhunywa kukagesi owumkokotelo yikho okwabangela ukuthi abulawe.

Ezicelela i-bail uZuma ku-affidavit efundwe ummeli wakhe, u-Adv. Sticks Mdlanga uthe ushade nonkosikazi owuthisha abanezingane naye ezimbili (2), eneminyaka engamashumi amabili (22) neneyishumi nesikhombisa (17).

Unezinye izingane eziyisishiyagalombili (8) kwabanye besifazane angashadile nabo okumele azinakekele futhi unokugula aphila nakho okuhlanganisa noshukela nesifo senhliziyo. Ubonwa uDkt. SH Narain ongudokotela wakhe. Uthe leNkosi ihola imali engu-R25 000 emnyangweni wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu KwaZulu-Natali.

Njengamanje uZuma ungaphandle nge-bail ka-R25 000 ngokubandakanyeka ecaleni lokubulawa kukaQalokunye Zuma ngoMasingana (January) 2023.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com