Izindaba

Kusinda kwehlela kuDuma Ndlovu ozobekwa amanye amacala

ANGASE azithole asebheke nenye inqwaba yamacala umdidiyeli wemidlalo kamabonakude, uMnuz. Duma Ndlovu oboshelwe ukukhwabanisela i-South African Revenge Service (SARS) imali engu-27 million.

Lokhu kudalulwe uMnuz. Henry Mamothame okhulumela i-Directorate Against Corruption emuva kokuba uNdlovu evele enkantolo i-Palm Rigde Specialised Crimes Court ihambisa naboshwe naye u-Maxwell Mloyi omsiza ngokuthinta intela.

“Besimbophela amacala athinta intela eqondene naye neyenkampani yakhe kodwa sekuvele okunye njengoba kuqhubeka uphenyo”, kusho uMamothame.

“Ngakho ukuze singabambezeli ukuhamba izinto, silungisela ukuqala icala. Awekho amacala azosulwa kodwa kungase kwengezwe amanye ngaphezu kwelithinta intela eqondene naye”, kusho yena.

Umshushisi wombuso uthe osekushintsha lonke leli cala ukutholakala kwe-hard drive equtheke ubufakazi obusha, njengamanje kwenziwa izinhlelo zokuthi abameli bakhe balethe le-hard drive ukuze kuqhutshekelwe phambili”, kusho uMamothame.

UNdlovu uboshelwe icala lokukokotela imininingwane yakhe neyenkampani yakhe i-Ambrobrite ngesonto enza amaphepha athinta intela esizwa uMloyi.

Lokhu kwenzeke phakathi kuka-2013 no 2016 lapho i-Ambrobrite ithole imali engu-R8.4 million kwinkampani eyayiwumxhumanisi i-Bain & Company nakuba inkampani yakhe yayisisuliwe.

Laba bobabili bangaphandle nge-bail, kanti leli cala liqhubeka mhlaka-30 Mandulo (September) 2025.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com