EzosaziwayoIzindaba

Injabulo kubalandeli uSimphiwe Majozi “evuka” ngonyanyavu lwemoto entsha ceke

UHAMBELA phezulu umlingisi woZalo, uSimphiwe Majozi emuva kokuthenga unyanyavu lwemoto entsha ceke i-VW T-Cross.

Lo mlingisi osenesikhathi eside edlala kulo mdlalo oboniswa kuSABC 1 ufake izithombe zemoto yakhe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa abalandeli bakhe.

Esithombeni asifakile ufake umbhalo obuthi: “Nkulunkulu ..Isipho esiza kimi”. Emuva kokubona lesithombe abantu kanye nozakwabo endimeni yokulingisa bafake imiyalezo yokumhalalisela.

Muva nje uMajozi ubonakala elingisa indawo evuthiwe kuZalo njengoba esengumholi webandla elikhulayo futhi
othandwa abazalwane nomphakathi wakwaMashu.

Esithombeni: Imoto entsha kaSimphiwe Majozi imboziwe

Ukuzwa izindaba zokuthi uthenge imoto kubathokozise kakhulu abalandeli bakhe abenza isiqiniseko ukuthi bayambuka nsuku zonke kulo mdlalo okhuluma ngempilo esheshayo, ubugebengu emakokishini nangezinselelo ezibhekene nemindeni yabampisholo.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise injabulo yabo ngezindlela ezihlukene. USiyanda Calvin Ntenga uthe: “Ngiyakubongela mfowethu”, u-Brian Mazibuko uthe: “UNkulunkulu mkhulu Majozi mfowethu, ngiyakubongela”.

Ukusebenza kanzima kuyakhokhela ngempela”, kusho omunye umlandeli. Omunye uthe: “Isikhathi sikaNkulunkulu sihle kakhulu. Kukufanele lokhu”, kusho omunye. Abanye bebemncoma ngokuzitotosa bethi: ” Ukuzipha isipho into eyisimangaliso. Siyakubongela!”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com