
Ingxabano yabangani iphethe ngokufa kwabathathu eMadlankala
KUSOLWA ukuthi bebezijabulisa ngezimbiza zikaFaro eduze kwendawo elungisa amasondo ezimoto abangani ngesikhathi bejoyinwa omunye obephethe udede isibhamu eMandlankala eSikhaleni ngoLwesihlanu ebusuku.
Ngokombiko esinawo lo mngani ojoyine kamuva ukhalaze ngenyama yengulube abebeyidla okuyikho okususe ingxabano.
Udinwe kanzima wabashiya abangani abebevele bekulendawo. Kuthe emuva kwesikhashana wabuya esetinyelwe zinyosi wabadubula ngoyaba lwezinhlamvu.
Omunye kulaba abebesele obephethe isibhamu naye udubulile ebuyisela kulo odubule kuqala, kwaze kwaphela izinhlamvu komunye.
Lempi yesibhamu iphethe ngokufa kwabangani abathathu, kwathi oyedwa wabo walimala kanzima.
Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko futhi aphenya icala lokufa kwabantu amathathu nelokuzama ukubulala elilodwa.
