
IGagasi FM libasabise ngabameli bavika ngokufelwa imoto abe-Blaq Diamond ngokungafiki emcimbini
IQEMBU lomculo we-Afropop, i-Blaq Diamond selikhiphe isitatimende lixolisa kubalandeli balo ngokuhluleka ukufika emcimbini obusezingeni eliphezulu iGagasi FM Summer Sessions obuseKhazins Shisanyama, e-Newcastle ngempelasonto edlule.
Leli qembu alifikanga kulo mcimbi, okuphoqe iGagasi FM ukuthi likhiphe isitatimende lixolise kubalaleli balo ngalokho.
Esitatimendeni seGagasi FM lithe loludaba lizoludlulisela kubameli balo okuyibo abazolusebenza, njengoba ngasohlangothini lwabo benza konke ukuze leli qembu libe khona kulo mcimbi obungomhlaka-28 Zibandlela (December) 2025.
Abe-Blaq Diamond kwesabo isitatimende esikhishwe inkampani ebaphethe, Umuthi Group, bathe imoto abebehamba ngayo ibe nenkinga yenjini besuka eGoli belibangise e-Newcastle, okuholele ekutheni bebambezeleke futhi kwabhuntsha nendlela ebibheke emcimbini.
“Ngesikhathi siphuma eGoli sibe nenkinga yemoto. Sizame konke futhi besixhumana neGagasi FM kodwa kwangalunga lutho”, kusho isitatimende.
Leli qembu lixolisile kubalandeli abebefike ngezinkani bezozibonela izintandokazi zalo. Lidalule ukuthi kwalona liphoxekile ngokuhluleka ukufika kulo mcimbi.
Libe selithembisa abalandeli balo ukuthi lisezingxoxweni zokwenza umcimbi wamahhala, elizonandisa kuwo ozomenyezelwa maduze.
“Siyabonga kubahleli bomcimbi abazamile nabo ukusisiza ngesikhathi sibhekene nesimo ebesikuso futhi basibekezelela”, kuphetha isitatimende.
