
Ingozi yomgwaqo ibhubhise 3 eMbombela
KUSHONE abantu abathathu (3) engozini yomgwaqo enyantisa igazi ngesikhathi imoto encane izithela kwenye ku-N4 ngoMgqibelo ebusuku.
Ngokombiko esinawo imoto eyi-VW Polo ishayise imoto yokuthwala impahla (LDV) engwaqeni onguthelawayeka u-N4 phakathi kwenhlangana mgwaqo uKarino no Valecia.
I-VW Polo ishayise lemoto yase iphenduka yahlala ngaphandle komgwaqo. Abantu ababili (2) balimele kanzima.
Abathathu kubona, okungabesilisa ababili nowesifazane bafe ujuqu.
Imbangela yengozi ayakaziwa kodwa kuphenywa amacala amathathu okufa kwabantu.
Abalimele belashwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa ezikhungweni zezempilo eziseduze.
