
Ingcindezi yabalandeli isiphoqe i-Supersport ukukhipha uMiya emoyeni
USEMISIWE emsebenzini uPhumlani Goodenough Miya ongumsakazi wezemidlalo esiteshini esikhokhelwayo, i-SuperSport.
Ngokombiko esiwutholile umiswe emsebenzini okwesikhashana emuva kwenkulumo eyagxekwa abaningi ayenze ngesikhathi esakaza umdlalo weBetway Premiership phakathi kweRichards Bay FC ne Kaizer Chiefs eRichards Bay Stadium ngoLwesithathu.
Lesi sigameko senzeke ngomzuzu wamashumi ayisithupha nesithupha (66 mins) ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi komdlali wasesiswini weBay, uLundi Mahala kanye nodlala emuva kuChiefs, u-Aden McCarthy.
Ngesikhathi laba bengqubuzana, uMiya uzwakale ethi: “Amakhalathi nempi”, okuthathwa njengenkulumo ewukucwasa ngokobuhlanga njengoba kuyinto ejwayelekile ukumataniswa kwabantu abangamakhalathi nophuma silwe.
Eqhubeka ekhuluma uMiya uzwakale ethi: “Ungalithinta yini empini, ungalithinta yini empini.”
Le nkulumo isabalale okwequbula lomlilo ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulu i-X abalandeli bebhola bekhala ngokuthi ibinokucwasa futhi befuna i-Supersport ingenelele.
Ngemuva kokugxekwa, uMiya ukhiphe isitatimende sokuxolisa esidlangalaleni.
Uthe inkulumo yakhe ibingahlosile ukucwasa muntu kodwa kube iphutha eliphume ngesikhathi esakaza umdlalo obushisa kakhulu.
“Ngithanda ukuxolisa kakhulu kubo bonke abaphatheke kabi ngalokho engikushilo ngesikhathi ngisakaza umdlalo. Bengingaqondile ukulimaza noma ubani, kube ukushelela kolimi. Ngiyazisola futhi ngiyathembisa ukuthi ngokuzayo ngizocophelela kakhulu ekusebenziseni amagama ami,” kusho uMiya.
Ngemuva kwalokho, i-SuperSport imemezele ukuthi uMiya usemisiwe emsebenzini okwesikhashana njengoba kuqhubeka uphenyo lwangaphakathi mayelana nalolu daba.
Ithe izizwile izikhalo zokucwasa nokusebenzisa ulimi olungahloniphi, ikakhulukazi ezinhlelweni ezibukwa izigidi zabantu ezweni lonke.
