
Ilandelwa zinkulumo ingoma kaMafikizolo ehlukanise unyaka oKhozini
NAKUBA ebongelwa zinkalo zonke uMafikizolo ngokudla umhlanganiso ngokunqoba umncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka emsakazweni omkhulu kuleli, Ukhozi FM kodwa sekuqubuke izinkulumo kwabaningi abangagculisekile ngokunqoba kwakhe ngengoma ethi Unyoko.
Lokhu kuvele ngesikhathi iziko lezindaba elibhala izindaba ezisematheni nomgosi wosaziwayo, i-MDNews likhiphe umbiko ngokunqoba kukaMafikizolo ingoma ehlukanisa unyaka kulo msakazo, abafundi balo base besina bezibethela bezwakalisa imibono eyehlukene ngokwenzeke oKhozini.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kosuku lokumenyezelwa kwengoma ehlukanisa unyaka umculi owenza umculo wamaPiano, uMaWhoo uke wazwakalisa ukukhathazeka ngokuthi abalandeli bakhe mabevota kubuya umyalezo obonga ukuthi bavotele ingoma “A” futhi ubakhuthaza ukuthi beqhubeke bevotele ingoma “A”.

Esithombeni: UMaWhoo
Uqhubekile wakhala ngezinombolo zamavoti abatholwa ingoma yakhe abengahambisani nendlela abantu abebevota ngayo.
Kunenqwaba yabafundi abangene ekhasini le-MDNews le-Facebook bathi bekufanele kube uyena [uMaWhoo] ohlukanisa unyaka ngengoma yakhe ethi Bangenile ayenza no GL. Ceejay, Thukuthela no Jazzwrld.
@dajay_03 uthe: “Kuyahlekisa ukuthi ingoma edlalwa kakhulu idlalwe kunombolo-8. Ukhozi alusoze lwayeka ukukhohlakala”.
@FrankTalk0000 uthe: “Izingane zachwaza lengoma idlala ngosuku lwamagugu. Bonke abantu ababese-Ushaka Marine Waterworld bachwaza idlalwa ngoMfumfu. Lengoma bekufanele ibe ingoma yonyaka”.
@tebogosebs uthe: “Isiteshi esikhulu ezweni sihlezi siphoxa. Sekufanele ukuvota kugadwe”.
