EZEMFUNDOIzindaba

Imeya yaseMandeni ivakashele abenze kahle kwimiphumela ka-matric ka-2025

IMeya kamasipala waseMandeni, ikhansela Thabani Mdlalose uhole ithimba ebelihambela izikole ezahlukene ezenze kahle ngokwemiphumela yezivivinyo zikamatikuletsheni zonyaka ka-2025. Namuhla (ngoLwesithathu) bekuwusuku lokuqala lomjikelezo waloluhlobo njengoba kulindeleke ukuthi ahambele nezinye izikole ezinsukwini ezilandelayo.

Phakathi kwezikole ezihanjelwe namuhla, kukhona iMathubesizwe High School, okuphuma kuyo uSenamile Thabethe, ophume endaweni yokuqala (1) esifundeni iLembe, waphuma endaweni yesishiyagalombili (8) esifundazweni waba sendaweni yesithathu (3) ezweni lonke ohlwini lwezikole eziku-quantile 3, nesikole Ingobamakhosi High School ethole u-100%.

Enkulumweni yakhe, uMdlalose ubonge zonke izikole ngokuzimisela kwazo kanye nokudlala indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi ikusasa lesizwe eliqhakazile.

“Siyabonga kakhulu ngomsebenzi owenziwa othisha ezikoleni ezingaphansi kukamasipala waseMandeni. Izithelo zomsebenzi eniwenzayo ziyabonakala. Siyathemba ukuthi nakulonyaka umsebenzi omuhle uzoqhubeka” kuqhuba imeya.

“Kuyasijabulisa ukubona kwanda ukuqhudelana ngemfundo nangokwenzakahle ezikoleni zaseMandeni, indlela othisha, abafundi kanye nabazali abafaka ngakhona inselelo yokwenzakahle, kuyakhombisa ukuthi sonke sizimisele ngokwakha isizwe esikwaziyo ukuzimela nokuphucula izimo zasemakhaya esiphuma kuwona” kuphetha uMdlalose.

*Lolu daba lucashunwe ekhasini likamasipala waseMandeni

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com