
“Bantshontsha ama-parts ezimoto ezisuke zizodayiswa endalini abasebenzi bakamasipala waseMsunduzi” – CFO
BUSHAQEKILE ubuholi obuphezulu bukamasipala waseMsunduzi, eMgungundlovu butshelwa umphathi omkhulu wezimali, ukuthi basola abasebenzi babo ukuthi bahlinza izimoto futhi bantshontshe ama-parts abawafunayo uma sezifakwe ohlelweni lokudayiswa endalini (auction).
I-CFO yalomasipala, uNelisiwe Ngcobo itshele umkhandlu omkhulu wamakhansela emhlanganweni wawo wakamuva ukuthi basola abasebenzi ukuthi bayawakhipha ama-parts ngaphambi kokuthi izimoto ziyiswe endalini.
“Sesikuqaphelile ukuthi kubikwa izinkinga njalo ezimotweni, kanti sisola bona abasebenzi ukuthi yibo abantshontsha ama-parts abawafunayo ezimotweni uma sezifakwe ohlelweni lokudayiswa endalini”, kusho uNgcobo.
Umkhandlu uphasise izimoto ezingu-233 ukuba zifakwe ohlelweni lokudayiswa endalini, wathola imali engu-R9.8 million.
UNgcobo uxwayise umkhandlu ukuthi ulahlekelwa imali okumele ngabe uyayithola ngenxa yokuhlinzwa kwezimoto. Kwesinye isikhathi zigcine sezingamagobolondi zingakafiki ngisho endalini.
Lo mbiko uphakamise ukuthi u-10% wemali etholakala ngokudayisa impahla kamasipala isetshenziselwe ukuthenga noma ukuvala izikhala zempahla esuke idayisiwe. Nokho indlu iwuchithile u-10% ikhala ngokuthi mncane kakhulu.
Isekele lemeya, ikhansela Mxolisi Mkhize liphikisene nesiphakamiso sika-10% laphakamisa ukuthi kube u-50% wemali osetshenziselwa ukuthenga noma ukuvala izikhala zempahla esuke idayisiwe.
Kulesiphakamiso sakhe uMkhize wesekwe amakhansela ezinhlangano eziphikisayo, ikhansela Bongumusa Nhlabathi we-DA nekhansela Nokuthula Msimang we-ANC.
Ikhansela elimele i-EFF, Chuma Wakeni lona lithe alubekelwe u-70% loluhlelo lokuqoqwa kwemali ezosetshenziselwa ukuthenga noma ukuvala izikhala zempahla esuke idayisiwe.
UWekani uphinde wagcizelela ukuthi kuzofanele kusheshwe kuqhanyukwe nohlelo lokuvikela ukuntshontshwa kwama-parts ezimotweni. Uqhubekile wathi kuzofanele zihlolwe njalo.
UNgcobo uthe inselelo enkulu izinkampani ezenza umsebenzi wokudayisa izimoto nabathengi bazo yizinhlaka zangaphandle, ekubeni imoto iba ngaphakathi emkhandlwini ize idayiswe ngokuphelele. Okuyibeka engcupheni yokuthi kwenzeke noma yini kuyo ngisho seludlulile usuku lwendali.
Unxuse ukuba kuqiniswe ezokuphepha emnyangweni wezebhizinisi lapho izimoto zigcinwa khona.
*Lolu daba lucashunwe ezikweni lezindaba, iThe Witness
